USUKU lwayizolo yize seludlulile kodwa kusachwaza ezinkundleni zokuxhumana abantu abawuvali umlomo ngabanye bosaziwayo abenzelwe amadili ngosuku lwezithandani.
ULerato Kganyago uyena olokhu ehamba phambili kulandela ukuthi uThami, abathembisene umshado naye. emqashele inkundla yezemdlalo i-FNB. Akugcinanga lapho uphinde waqinisekisa ukuthi le nkundla ihlotshiswe ngezimbali nemibala ehambisana nothando. Itafula belidekwe ngendlela esezingeni eliphezulu. Okuvele kwaba uvala ngalokhu ukuthi bekuhambisana nekhonsathi yesilomo somculi uZonke Dikana, obelokhu eqhulula amanoni akhe ngesikhathi bedla.
UThami akwenzele ingoduso yakhe kwenze abantu bangawuvala umlomo ezinkundleni zokuxhumana namanje kusabatshazwa amandla akhe. IFNB Stadium ingenye yezinkundla zemidlalo ezisezingeni eliphezulu nezimba eqolo eNingizimu Afrika. UZonke naye ngokunjalo ungomunye wabaculi abasezingeni eliphezulu ongavele nje umqashe kalula. Kodwa konke lokhu uThami ukwenze kwaba yimpumelelo.
Ngaphandle kwalezi zithandani nezithandani ezisanda kuphumela obala ngomjolo wazo uKhanyi Mbau noKudzai Terrence Mushonga balokhu besematheni ngendlela abalugubhe ngayo lolu suku.
UKhanyi naye ubingelewe ngomculo wathengelwa inqwaba yezimbali ebezigcwele indlu. Ngisho nendawo yokuziwotawota lapho bebezobhucabhucwa khona beyihlobise ngezimbali ezibomvu ezihambisana nalolu suku. Izipho nazo bezikhona isoka lakhe lilokhu likhipha izikhawu ukuqinisekisa ukuthi uyaluthakasela lolu suku.
Kuwona wonke amahlebezi ebelokhu esabalala ezinkundleni zokuxhumana ngesoka lakhe abazange besagxila kuwo abantu abaningi njengoba bebelokhu bembongele njalo ngokuthola isoka elinothando. Abantu abaningi baveze ukuthi bafisa lobu budlelwano bukaKhanyi bube yimpumelelo akathole injabulo yangunaphakade.