UFE olwembiza umndeni womculi we-Afro-jazz, oshone ngoLwesithathu, ngemuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi okuthiwa siqale ukumxina ngeledlule.
USheila Khumalo (71) waKwaMashu obephinde abe ngumlingisi, kubikwa ukuthi ubesedluliselwe esibhedlela iKing Edward ngenxa yesimo sakhe ebese sibucayi.
Kuthiwa ushonele emtholampilo angeniswa kuwo ngenkathi eqala ukuhlaselwa wukugula.
Indodakazi yalo mculi, uNkk Zaba Khoza ( 50), ithe kuqale ukuba kubi kakhulu kunina ngoLwesibili, abanikezwa ngawo incwadi egunyaza ukuthi ayolashelwa esibhedlela.
Uthe unina ushone belinde i-ambulensi ebizomhambisa.
“Sife olwembiza ngokuhamba emhlabeni kukamama. Ubeyikho konke kuthina. Kusenzima kakhulu ukukholwa wukuthi usishiyile.”
Uthe okwamanje abakaqedi ngezinhlelo zenkonzo yesikhumbuzo njengoba besamatasa ngokuhlela usuku abazomfihla ngalo.
Umqondisi wemidlalo yeshashalazi neyethelevishini, uDuma KaNdlovu, uthe ubuhlungu kakhulu ngokuzwa izindaba zokushona kukaSheila.
Uthe usebenze kakhulu naye emdlalweni weshashalazi, i-The Game eyayikhonjiswa eDurban Playhouse ngo-2016.
“USheila ubengomunye wamaciko abengagqamile kodwa enethalente elimangazayo. Yingakho sanquma ukuthi adlale indawo yabalingisi abahamba phambili kwiThe Game. Baningi abantu abebewuthanda umsebenzi wakhe,” kubeka lo mbhali.
USheila useke wasina wadedelana esiteji nabaculi abafana noKenny Latimore noChante Moore base-United States of America (USA), Abigail Kubheka, Simphiwe Dana, Zahara nabanye abaculi kuleli.
Phakathi kwemidlalo aseke wabonakala elingisa kuyo, kubalwa iZulu Lami, Imbewu neDurban Gen ekhonjiswa kwi-e.tv.