AMACIKO aKwaZulu-Natal asamukele isimemezelo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokuxegisa imithetho yomvalelandlini ukuze kwenziwe imicimbi yobumnandi.
URamaphosa ekhuluma nesizwe ngeSonto ebusuku ehlisela esigabeni sokuqala ukuvalwa kwezwe, uthe imicimbi isivumelekile.
Uthe ezindaweni ezivalelekile abantu kumele bangeqi ku-100 kuthi kwezivulelekile bangeqi ku-250 futhi kuqhubeke nokuhlonishwa imithetho yezokuphepha.
Umgcinimafa weKwaZulu-Natal Creative Industries Forum, uMbusi "DJ Sox" Sokhela, uthe bayakubonga okushiwo nguRamaphosa.
"Siyasamukela isimemezelo sakhe kodwa sifisa ukuthi kusheshe ukuvulwa kwezwe kunalokhu avule khona. Isiphakamiso sethu kwakuwukuthi kube u-70% wesibalo esimumathwa yindawo yingakho saze sayobhikisha savala uthelawayeka uN3," kusho uDJ Sox.
Uthe bakwamukela okushiwo wumengameli yize bengagudluki ezimfunweni zabo.
"Sishayekile ngoba izindawo zivinjwa yilesi sikali sabantu abangu-100, ngakho ziyahluleka ukuqasha amaciko kahle. Lokhu kusho ukuthi asikabuyeli emsebenzini kodwa izikweletu zezindawo zokuhlala, izimoto, nezikweletu zempilo zilokhu zimile zithe njo, azinandaba ukuthi kawuqashwa ndawo. Mhlawumbe u-5% wamaciko aqashwayo yingakho sifuna u-70% ukuze sizame ukuthi sandise amathuba omsebenzi."
Uthe kodwa ukuthanjiswa kwemithetho kusho ukuthi sebezodedela imisebenzi yabo abebematasa beyipheka esithe.
"Nami nje bengisebenza e-studio, imisebenzi isizoqala ivele. Kunengoma engiyenze noZinhle Madela noC Sharp engizoyikhipha."
Usihlalo weCultural & Creative Industries Federation of South Africa KwaZulu-Natal, uThokozani "T'zozo" Zulu, uthe bayakubonga okwenziwe nguRamaphosa yize kuzohlomulisa abancane kuphela.
"ODJ yibo abazodlala koshisanyama kuphela kanti thina into esiyilwela kakhulu yimicimbi eyenzeka ezindaweni ezivulelekile lapho abaningi bethola khona imisebenzi. Sisakhala ngesibalo sabantu abavumekile, sifuna u-70%. Umengameli akayiyeke le nto yezibalo kodwa akhulume ngama-per cent. Sizoqhubeka kodwa sikhulume noMnyango wezobuCiko namaSiko ukuthi weluleke umengameli," kusho uT'zozo.