UMHUBI wamahubo akhuluma ngezigameko ezehlukene kuleli, uMbuso Khoza, useveze ukuthi lesi yisikhathi esifanele sokuthi osonkondlo nabaculi babhale izingoma nezinkondlo ngempilo yeSilo samaBandla Onke, uGoodwill Zwelithini.
Ekhuluma neSolezwe, uMbuso, uthe amahubo ayehutshwa ngalesi sikhathi KwaZulu kukhona kuwo awempi nawokubalisa uma kukhona okulahlekile ekhaya.
“Kukhona ihubo elithi Uzithulele, elalihutshwa okaNdaba eqoqa izinkomo ngesikhathi kuboshwe Isilo sasoNdini. Nawempi, yiwona aculwayo ngalesi sikhathi, kukhona elithi Sidedele Singene KwaNongoma, okuyihubo okumele lihutshwe kulesi sikhathi esibhekene naso siwuZulu sokukhothama kweSilo,” kuchaza uMbuso.
Uthe abaculi lesi isikhathi esingaba lula ukuthi baqambe ekuhambeni kwesikhathi okungakhunjulwa ngakho iMbumbe ekwenze esikhathini samanje ebesiphila kusona.
“Okunye engingakujabulela ukubona ukuthi kube nento eyenziwayo ukuhlonipha Isilo njengoba sabona kudlule emhlabeni uNkk Winnie Madikizela Mandela, abesifazane babefake amaduku, yize iduku kuyinto yabezizwe kodwa kwaba kuhle ukukubona kuyindlela yokuhlonipha owesifazane wakuleli,” kuchaza uMbuso.