USOMABHIZINISI wesifazane waseThekwini odume ngokugqoka izimpahla zikanokusho nezimba eqolo uveze ukuthi ukugxekwa kwengqephu yakhe akumkhathazi nakancane.
UShauwn Mkhize odume nangohlelo lwethelevishini kuMzansi Magic iKwaMam'Mkhize ekhuluma ohlelweni lwasekuseni izolo kwi-eNCA uveze ukuthi abantu bakhuluma ngemiswenko yakhe ngoba izinto zifika kuqala kuye bengakazazi. Ukuvakashela amazwe ahlukene afunde ngengqephu uthi yikhona okumenza abephambili ngengqephu.
Kuvamisile ukuthi uma abantu bebona uShauwn enameke izithombe zinkundleni zokuxhumana bese abantu bebuzana ukuthi ngabe esakephi isitayela asigqokile. Uveze ukuthi kufanele vele abantu badideke ngoba zisuke zingakafiki eNingizimu Afrika izitayela azigqokayo. Ngesikhathi zifika usuke esengasayingeni indaba yaleso sitayela ngoba usuke esedlulile kuso.
Uphinde wakhumbuza abantu nangesikhathi ehlekwa eshintsha imisiko ye-animal print kodwa emuva kwalokho yangenisa emuva kwesikhathi eside ayigqoka. Ongoti bezemfashini bahlala bekuveza lokhu okushiwo uShauwn ukuthi iNingizimu Afrika isalele emuva ngokwezitayela zengqephu. Lokhu kwenziwa ukuthi kuqale kulindwe izitayela zamanye amazwe kuqala bese kuyima abasiki bengqephu bethola ngengqephu edlisayo.
Emuva konyaka seziyaqala lezo zitayela ziyagqokwa nakuleli. Yingakho abantu abafana noShauwn behlala bephambili ngoba bazibona zisakhangiswa phesheya kwezilwandle lezi zitayela bese bezithenga bebuya nazo. Akuwona wonke umuntu akwazi ukwenza lokhu ngoba zisuke zimba eqolo ngesikhathi zisafika phesheya kwezilwandle.