KUDIDIYELWE uhlelo olusha lwezingxoxo oluzokwethulwa ngumakadebona kwezokusakaza uDineo Manaka, esiteshini sethelevishini iMzansi Magic.
Kusukela ngenyanga ezayo, uDineo uzoshayela uhlelo oluthi Sip & Talk, oluzofana nesigcawu sokuthi osaziwayo bakuhlanze konke okuyizinselelo nezigameko ezenzeka empilweni.
Phakathi kosaziwayo azoxoxa nabo ngezingqinamba asebe babhekana nazo empilweni kubalwa u-Ayanda Ncwane, nomethuli wezinhlelo obuye alingise uKayise Ngqula. Bobabili bashonelwa ngabayeni babo kanti ngemva kwalezo zehlo, babhekana nezinselelo ezehlukene.
Kuhlelwe ukuthi iSip & Talk iqale ukusakazwa kusukela ngoNovemba 26, ngo-9 ebusuku kuMzansi Magic (161).
Kuzobonakala osaziwayo abehlukene bekhuluma ngezinto abadlula kuzona ezibuhlungu, nezaba wundabamlonyeni, ngisho ezinkundleni zokuxhumana.
Esikhangisweni sohlelo u-Ayanda uchaza ngezinsolo abhekana nazo ezazivela emndenini ngemva kokushona komyeni wakhe uSfiso Ncwane, ngo-2016.
UKayise udalula ngobunzima abhekana nabo ngemva kokulahlwa ngumndeni womyeni wakhe uFarai Sibanda, owadlula emhlabeni ngo-2019.
UDineo ubonga ithuba alinikiwe lokuthi kube nguye ozokwethula uhlelo.
“Ngibonga inkampani i-Exit Media ngokunginika leli thuba, nesiteshi uMzansi Magic ngokukholelwa ekutheni ngizokwenza umsebenzi oncomekayo kulo. Ukungethemba kwabo kuzokwenza ngiwenze ngokuzimisela lo msebenzi,” kusho uDineo.
Ohlelweni baveze ukuthi kuzobhekwa izinto ezehlukene osaziwayo ababhekene nazo empilweni, kungaba isemndenini, emsebenzini ngisho izinto ezagqama ezinkundleni zokuxhumana ngabo.
“Sizongena sigxile kuleso sigameko esenzeka kulowo saziwayo ukuze sithole ukuthi yini eyaholela kusona, kwenzakalani empilweni yakhe futhi wadlula kanjani kuso. USimphiwe Ngema, uKayise Ngqula no-Ayanda Ncwane bazokhuluma ngokuthi badlula kanjani ekutheni bedumile kodwa bakwazi ukuzilela abayeni babo bebukwa abantu abaningi futhi yiziphi ezinye izinto ebezingaziwa abadlula kuzona.
“UTK Sebothoma, uReason, noNozuko Ncayiyane Ntshangase bazokhuluma ngesimo esithinta ingqondo ukuthi basizakala kanjani, nokuthi yize bake bacindezeleka empilweni kodwa bakwazi ukubekezela badlula kuzo futhi bagcina sebeyisibonelo emphakathini,” kuchaza uShirley Adonisi wakwaM-Net.
Uthe bazoqala ngobunzima kuqala ezihlokweni abazobe bexoxa ngazo bese bekhuluma ngokuthi badlule kanjani ukuze babuyise ithemba kwabanye.
Phakathi kwabanye osaziwayo okulindeleke ukuthi babonakale kwiSip & Talk, kubalwa uDJ Sbu, Celeste Ntuli, Khabonina Qubeka, Mona Monyane nabanye.