INKONZO yomngcwabo wembongi yodumo lweZulu Love Letter Engabhori, uNtobeko Mxolisi Mtshali, izobanjelwa eThekwini Community Church, kusukela ngo-9 ekuseni. Lezi zindaba zidalulwe yibandla abekhonza kulo nayebambe iqhaza ezinhlakeni zentsha yalo.
UMxolisi (39) ushonele esibhedlela ngeSonto emuva kokugula isikhashana. Nomsunguli webandla i-Ethekwini Community Church, uMbhishobhi Vusi Dube, ungomunye wabantu abagqemeke udume lwengozi ngoMxolisi.
Uthe umufi wayengomunye “wamadodana” akhe njengoba ayesekomitini labantu abasha abakhonza e-ECC futhi wabamba iqhaza ekugqugquzeleni uhambo olwalugqugquzela ukuzithiba ocansini. "Lala ngokuthula Hlabangane! Ulwile wakunqoba ukufa."
Isihlabani sakuleli somculo we-pop kodwa esesizinze e-United Kingdom, uLetoya "Toya" Buthelezi, sithe sife olwembiza ngokudlula emhlabeni kwembongi yodumo lwenkondlo ethi Zulu Love Letter, uMxolisi Mtshali.
UToya Delazy udalule ukuthi yena noMxolisi baqopha ingoma esihloko sithi Uyena-ke Lona ngo-2010.
"Asikaze sayikhipha njengoba ngasayinwa ngonyaka olandelayo kodwa wonke umuntu uyazi ukuthi ngiwumdlali wopiyano nomculi. Ngajabula ngesikhathi ethanda izinsimbi engangimdlalela zona. Sasikhuluma ngokukhipha lo msebenzi ngo-2020 kodwa manje usehambile. Ukulalela izinhlamvu zakhe futhi liyangichaza ikhono eliyisimangaliso abenalo."
Unxuse nanoma wubani ukuba asize ukuze le ngoma ikhishwe ngokusemthethweni khona kuzohlomula umndeni kaMxolisi.
UMxolisi, oshonele esibhedlela ngoMsombuluko, wabuye wazakhela ugazi nasezindaweni zokujuxuza njengoba iZulu Love Letter Engabhori yabuye yenziwa kabusha nguDJ Nkoh neqembu lekwaito, iSkomplazi.
Inkondlo yodumo kaMxolisi iZulu Love Letter Engabhori, beyihamba kanje: "Remote Control Yenjabulo Yami. Oxygen Yami. Munt' Omuhle, Othandwa Yile Nhliziyo Elapha Kimi. Ngifun' Ipeni nephepha. Ngifun' Ukubhalel' iZulu Love Letter Engabhori..."
Umufi ugcine esemenywa emicimbini emikhulu njengePoetry Africa Festival lapho abesuke emele khona iNingizimu Afrika kusukela ngo-2016. Yingakho abagqugquzeli balo mkhosi nabo bekhalisana nomndeni.
UMxolisi ubengagcini ngokuhaya izinkondlo kodwa ubambe iqhaza ezinhlanganweni eziningi ngenhloso yokukhuthaza ubumbongi nokuvumbulula ikhono elisha. Ungomunye wabasunguli bePoet In A Suit, okungumcimbi obubanjelwa eBlue Waters Hotel. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakatholakali okhukumela umndeni.