USUKU lokuzalwa komrepha ongasekho, uKiernan "AKA" Forbes luzogujwa ngombukiso wezobuciko nengqephu enxanxatheleni yezitolo iMall of Afrika, eMidrand eGoli ngoJanuwari 26 kuya ku-28.
U-AKA ushone ngoFebhuwari 10 ngonyaka odlule ngemuva kokudutshulwa ngabantu abangaziwa emgwaqweni uFlorida Road, eThekwini.
Kuze kube yimanje akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.
U-AKA wazalwa ngoJanuwari 28 ngo-1988 eKapa. Ngokwesitatimende esifakwe ekhasini lika-AKA kwi-Instagram, iKiernan Forbes Foundation ibambisene nenkampani iBravado ukuhlonipha lo mrepha.
"Lobu budlelwano bunika ithuba amaciko asakhula aseNingizimu Afrika ukuthi akhombise ithalente lawo futhi bunikeza nabalandeli ubumnandi."
Sithe kuzobe kunobuciko negqephu ehlonipha lo mrepha futhi kuzonika ithuba nabantu ukuthi bathenge lobu buciko obuhlukile.
U-AKA washona ezokhipha i-albhamu iMass Country ekupheleni kukaFebhuwari ngonyaka odlule. Le albhamu inqobe izindondo eziningi emiklomelweni ehlukene kuleli, yaqokwa nakwamanye amazwe.