SEZIQINISEKISIWE izindaba zokuthi ngeke ibonakale kwisizini yesibili indodana yomculi wakuleli, uRingo Madlingozi, uPhila, olingisa indawo kaNtando emdlalweni, iGqeberha The Empire, kuMzansi Magic.
Kumanje bamatasa baqopha isizini yesibili yalo mdlalo okhonjiswa ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu ngo-9 ebusuku kanti kulindeleke ukuthi iqale ekuqaleni konyaka ozayo.
Ngesonto eledlule kuvele izindaba zokuthi uPhila uxoshiwe kulo mdlalo ngenxa yokungaziphathi kahle nokuthi uzithwele, uma kuziwa emsebenzini akulula ukusebenza naye.
Esitatimendeni esikhishwe yiMzansi Magic baveze ukuthi bajabule ngokuthi lo mdlalo ushaya ibuya nesizini entsha equkethe izinguquko ezinqala.
“Izinto zizoba mnandi kakhulu kwisizini yesibili yalo mdlalo futhi ababukeli bawo bazoqhubeka nokuthi njo kuwo. Esingakuveza ukuthi abakuwona bamatasa bayaqopha njengoba uqoshelwa eGqeberha. Ngeke sikufihle ukuthi izinguquko kulo mdlalo zikhona njengoba zithinta abalingisi, umdlalo wona qobo nokuyinto ebingalindelekile. Kungekudala sibonile kufika uBongile Mantsai olingisa indawo kaHlumelo futhi singakuqinisekisa ukuthi uPhila Madlingozi, olingisa indawo kaNtando, ngeke esabonakala. Indawo yakhe izothathwa ngu-Oros Mampofu,” kuchaza isitatimende.
Bathe maduzane bazomemezela abanye abalingisi abasha.
“Siyanxusa ukuthi ababukeli balo mdlalo bangalinge badideke uma sekukhona abangakuboni kahle, yindlela umdlalo ozobe usuthatha elinye ingxathu ngayo. Ikakhulukazi emndenini waKwaMxenge, konke akade becabanga ukuthi bayakwazi ngawo, sekuzomele manje bazibuze ukuthi yini ezayo,” kuphetha isitatimende.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungatholakalanga ukuphawula kukaPhila ngezinsolo zokuzithwala, okuthiwa zimenze waxoshwa kulo mdlalo.