KUPHELILE ukuqagela ngembangela yokushona kukaPresley "Cobrizzi" Chweneyagae wodumo lweTsotsi neThe River. Okhulumele umndeni wakwaChweneyagae, uMzwakhe Sigudla, uthe umufi ushone ngokwemvelo.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba ngoLwesithathu, uMzwakhe, uthe Cobrizzi (40) udlule emhlabeni emuva kokwehluleka ukuphefumula. Ukhuluma kanjena nje uMzwakhe bese kusabalele amahlebezi athi umufi ubulawe ngokudliswa ngoshefu kanti abanye bebethi ubenesifo sokuwa.
UMzwakhe uthe abezimo eziphuthumayo bazamile ukusindisa impilo kaCobrizzi kodwa kwanhlangazimuka nomoya.
"Abezimo eziphuthumayo babiziwe, bafike bamnyanga. Siyayincoma indlela abenze ngayo. Akukho okushaya amanzi ngokushona kwakhe," kuphetha uMzwakhe.
Uthe umufi uzofihlwa ngoMgqibelo ozayo emuva kwenkonzo yesikhumbuzo ezoba seMahikeng eNorth West ngoLwesibili nenye ezoba sePitoli ngoLwesine oluzayo. Mayelana nezinkundla okubanjelwa kuzo lezi zinkonzo uthe ubengakaziqinisekisi ngenxa yokuthi usakhulumisana nezinye izikhulu.
Balokhu betheleke njalo emzini kaCobrizzi abazokhalisana nomndeni ngokudlula kwakhe emhlabeni.
Umzala, ekhuluma neThe Guardian, uthe unkosikazi kaCobrizzi ufonele umndeni ngoLwesibili ngezithuba zawo-1 ekuseni, ethi umyeni wakhe akasekho emhlabeni. Unina kamufi namanye amalungu omndeni bavuke alibhekisa emzini walo mlingisi ePitoli beyozwa ukuthi kwenzekeni.
UCobrizzi ubengahlonishwa kuleli kuphela kodwa nasemazweni angaphandle ubethulelwa isigqoko ngekhono lakhe. UCobrizzi waqanjwa wunina, u-Agnes Keagile, ngoPresley ngenxa yokuthi wayezifela ngengwazi yomculi waphesheya engasekho, u-Elvis Presley.
Wayengazi ukuthi nendodana yakhe izoduma yaziwe umhlaba wonke. Uqale ukugqama ngesikhathi ifilimu ayelingisa kuyo indawo eqavile, esihloko sithi Tsotsi, idla umhlanganiso kuma-78th Academy Awards emunxeni weForeign.
Kusukela lapho lo mlingisi akabange esabheka emuva. Ugcine eselingisa emidlalweni yethelevishini, eyeshashalazi nasemafilimini amaningi okubalwa kuwo iNumber Number, Zama Zama, Cobrizzi, More Than Just a Game, State of Violence, Africa United neSolomon Mahlangu. Phakathi kosaziwayo abashaqekile ngokushona kukaCobrizzi kubalwa nozakwabo ayelingisa naye kwiTsotsi, uTerry Pheto.