INKAKHA ye-Afro pop, uMercy Pakela, inxuse abaculi bekwaito ukuba bahloniphe ibhizinisi lomculo.
UMercy owazakhela udumo ngengoma eyayithi Ayashis' Amateki, ubengomunye wezikhulumi enkonzweni yesikhumbuzo somculi wekwaito, uSandile "Mapaputsi" Ngwenya ebise-Eyethu Shopping Centre, eSoweto, ngoLwesine.
Uthe uma abaculi bengazimisela ngeke imali etshalwa kubo idliwe ngabanye abantu kodwa zingaqonda kubo ngqo.
Umlingisi uDumisani Dlamini uthe ubewumngani omkhulu noMapaputsi yize bebebuye bengaboni ngaso linye. Uphrojusa owavumbulula oLundi noSifiso Ncwane, uTshepo "Zuzmuzi" Nzimande unxuse abaculi ukuba bahlukane nokukhukhumalelwa ngamakhanda uma befuna ukuhlala isikhathi eside kule ndima kodwa basike uphethini kuMapaputsi obehlale ezithobile.
Iphini likaNgqongqoshe woMnyango wezibuCiko namaSiko, uNksz Peace Mabe, lituse amagalelo kaMapaputsi ngokuqhakambisa umculo wekwaito nokubeka induku ebandla nge-albhamu yakhe yokuqala eyayithi Izinja.
Uthe kuqala bewuthi uma ukhuluma ngeNingizimu Afrika phesheya, bakubuze ngoDkt Nelson Mandela kodwa manje sebekhuluma ngomculo wamapiano, ozalwe yikwaito.
UNksz Mabe unxuse abaculi ukuba bahlangane ukuze bakhulume ngazwi linye khona uhulumeni ezobaxhasa.
Izingane zikaMapaputsi, uThando, Mbali noTumelo kaMandoza nendodana kaBrikz (elingatholakalanga igama layo) zivalelise kuyise ngokulingisa ingoma yakhe eyayithi My Love.
UMapaputsi oshonele esibhedlela sasePinetown ngoSepthemba 5, uzofihlwa emathuneni amaqhawe iWest Park Cemetry's Heroes Acre, emuva kwenkonzo ezokuba seDlamini Multipurpose Centre Hall, eSoweto, ngoMgqibelo.