UMCULI kamaskandi uNtencane Zondi uthe kunyuse ithemba nokuzethemba ukuba sesicongweni kwekhwaya yakhe emele iKZN, iTeam Ntencane, kwiClash of the Choirs, ngesonto eledlule.
Uthe bekungokokuqala ikhwaya yakhe ithola indawo yokuqala selokhu bengenele lo mncintiswano osakazwa kuMzansi Magic. Kumanje umncintiswano ukwiTop 5 njengoba uzophela ngoDisemba 17.
“Ukuthola indawo yokuqala kunyuse ukuzethemba kumina nekhwaya yami. Akuyona into elula ukuthola indawo yokuqala njengoba umncintiswano usushisa kanje. Lokhu kuveze ngokusobala ukuthi siza kahle futhi sizimisele kakhulu. Okuphinde kungijabulise ukuthi mina njengomculi kamaskandi bengingazitsheli ukuthi singaba kulesi sigaba emncintiswaneni wamakhwaya njengoba kuwuhlobo lomculo engingasondele kakhulu kulona,” kusho uNtencane.
Uthe indlela okwenzeke ngayo ikhomba ngokusobala ukuthi amajaji awabheki ukuthi ungubani kodwa abheka into oyenza esteji nekhwaya yakho. Lokho uthe ukushiso ukuthi abaculi abahola amakhwaya akwezinye izifundazwe, umculo wabo usondelene nomculo wamakhwaya okungenza izinto zibe lula kubona.
“Nangesikhathi kukhishwa ikhwaya kaPrince Kaybee kwangicacela ukuthi akuyi ngokuthi ungubani nokuthi uwazi kangakanani umculo kodwa kubhekwa okwenza ngaleso sikhathi,” usho kanje.
Uthe waqala waba manqika ukungena kwiClash of the Choirs ngenxa yokuthi wayethukile futhi engazitsheli ukuthi kukhona into angayenza ibe yimpumelelo emculweni wamakhwaya. Ngisho nenkontileka ayethunyelelwe yona ukuthi ayisayine uthe wake wahlala isikhashana engayisanile ngoba enokwesaba.
Manje uthe useyabona phambili futhi usezizwa enesibindi. Nekhwaya ayiholayo uthe iyakholelwa kuyena futhi iyamgqugquzela ukuthi baye phambili. Uveze ukuthi kuningi nakufundayo emculweni njengoba esekwaze nokusebenzisa izingoma zeHip Hop abazisebenzisayo ukuqhudelana namanye amakhwaya.
Useke wasebenzisa eka-AKA kanti esiqeshini sangesonto eldlule ubecula iNo More Hunger kaKhuli Chana nekhwaya yakhe.
Uthe uma eze wafinyelela kwiTop 2 lapho kuzobe sekuvotwa khona, uzokhankasa ngokusezingeni eliphezulu ngoba uzimisele ngokuwuthatha umncintiswano.
Ngakolunye uhlangothi, uthe umise yonke eminye imisebenzi yakhe njengoba ekwiClash of the Choirs kuze kube uphothula umsebenzi abekelwe wona kulo mncintiswano. Uveze ukuthi yize ewinile esiqeshini sangesonto eledlule, uzobhukula kakhulu ngoba uzimisele ukuthi ahlale esesicongweni kulo mqhudelwano nekhwaya yakhe.