UMBHALI wemidlalo emikhulu eNingizimu Afrika, uDuma Ndlovu wenkampani iRhythm World Productions, uthe balwenze kahle ucwaningo lwabo ngomdlalo omusha oza kuMzansi Magic(161).
Umdlalo iQueen Modjadji, uzoxoxa ngomlando weNdlovukazi yesizwe samaLobedu, eyayidume ngokunisa imvula.
Lo mdlalo okumanje kumatasa kulungiselelwa ukuthi uqoshwe, kulindeleke ukuthi ukhonjiswe ngeSonto kusona lesi siteshi.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yalo mdlalo, uDuma uveze ukuthi umdlalo usubhaliwe futhi ngisho nokuqasha abalingisi sebeqedile njengoba sebezoqala bawuqophe maduzane.
“Ithimba lonke elizohlanganisa lo mdlalo seliqalile ukusebenza. Sikwenze konke okuthinta wona, njengoba senze uphenyo olunqala, sithinta nezinhlaka ezihlukene ezihlobene nendlovukazi kanjalo nabaholi bomdabu nabo abalwaziyo lolu daba. Sihlalile nanezazi zomlando ezikhungweni zemfundo ezihlukene, saxoxa ngezikwaziyo ukuze sixoxe indaba okuyiyona,” kusho uDuma.
Uthe bafuna ukuqopha umdlalo ozokwazi ukuhambisana namasiko esizwe samaLobedu.
“Singabantu kumele sazi ukuthi sixhumana ngezindlela ezihlukene nabantu abaphilayo, nabangasekho. UQueen Modjadji ungesinye sezibonelo esaphila esifakazela lokhu engikushoyo. Kulo mdlalo sizoveza ukuthi lobu bukhosi nabesifazane ababuphatha babhekana naziphi izingqinamba nabanikela ngayo nokuthi yini abayizuza ngokuba sebukhosini balesi sizwe? Umdlalo lona esifuna abantu bawuthokozele kakhulu njengoba uqukethe umlando omkhulu, isiqephu ngasinye sizobe siveza indlela izulu elalivele lidume linethe ngayo kungalindele muntu,” kuchaza yena.
UNomsa Philiso wakwaMultichoice, uveze ukuthi ukuxoxa imidlalo enomlando njengalona ngenye indlela abafuna ukujabulisa ngayo ababukeli.
Uthe lo mdlalo uzogxila ekukhulumeni ulimi lwakuleli njengoba besathokozela nempumelelo yomdlalo, Ushaka Ilembe nawo owenze kahle.
Kwenzeka lokhu nje, enkundleni u-X, kuvele izindaba zokuthi umndeni wakwaModjadji ufuna ukubopha abakwaMultichoice njengoba ungathintwanga ngokuqopha lo mdlalo.
Okunye okuphinde kwavela kuyona le nkundla ukuthi lo mndeni unengxabano yakudala futhi usuwahlukana phakathi.
UDuma uthe bazithinte zonke izinhlaka kanti kulesi siteshi unemidlalo ekhonjiswayo kumanje futhi eyenza kahle okukhona kuyo Umkhokha, Sibongile & the Dlamini’s ne-My Brothers Keeper.