KUVUKE iminjunju ngokushona kwabasakazi boKhozi FM kudlula emhlabeni obenengosi kwiSigiya Ngengoma, uZamaweza "Zulu Glamour" Mthalane. Isolezwe lithole ukuthi uZulu Glamour ushone ngeSonto emuva kokugula isikhashana.
Abantu abaningi bathe uZulu Glamour uthelwe ngamachaphezelo njengoba kulo msakazo sekushonwa cishe unyaka nonyaka.
Kuzokhumbuleka ukuthi kusanda kuhamba emhlabeni uBheka "Beekay" Mchunu, Zanele Mbokazi, Sicelo Mbokazi, Irvin Sihlophe, Bongani Mavuso nabanye. Le ntokazi eyangena emuva kokuxoshwa kukaKing Zoso kwiSigiya Ngengoma beyenza ingosi ethi Ezisegudwini.
Beyigcine ukuzwakala kule ngosi ngonyaka owedlule - yangabe isazwakala ngenxa yokungaphili.
Ekuqaleni kwalo nyaka uZulu Glamour ubebhale kanje kwiFacebook: "Benginethemba lokuthi ukuqala kwalo nyaka kuzoba noshintsho oluhle kodwa uqala kanje ngiphelelwa yithemba..."
Ngaphambi kokungena emsakazweni uKhozi, uZulu Glamour ubethula uhlelo lukamaskandi kwi-YouTube Channel yoMbuso Wamaciko ngoLwezihlanu.
Yilapho kwagcina kuqhamuke khona izibongo abezihasha ngazo zokuthi Uyinkosi Yabakipiti emuva kokuba kuvele izindaba zokuthi wayengumasihlalisane womculi kamaskandi ongasekho uFihlezakhe Mnomiya ehostela lase-17 eMlaza.
Kusukela lapho akabange esabheka emuva njengoba egcine esebamba iqhaza ohlelweni lwethelevishini obelwethulwa wuTshatha Ngobe noNtombee Mzolo, iYash' Ingoma kuMzansi Magic Music. Nasemicimbini emikhulu, enjengeMpucuzeko Maskandi Festival neGcwalisa Spring Picnic, ubengasasali.
Omunye wabaculi bakamaskandi abakhihle isililo ngale ntokazi nguThandeka Hadebe. Uthe kumphathe kabi ukushona kukaZulu Glamour futhi akazi nokuthi iyiphi indlela angamvalelisa ngayo.
UThandeka uthe umufi umeseke kusukela esaqopha e-studio kwaze kwafika nasekuhleleni izingubo ayezozigqoka kwikhava yecwecwe lakhe. Eqhuba uthe nasemicimbini uyena obelwela ukungena kwakhe esteji.
Kosaziwayo abakhihle isililo sikaNandi kubalwa oModelkazi, Limit, Mayoghurt, Yenziwe Nzimande nabanye. UZulu Glamour ubedabuka eMabomvini, eFaye esigodini saKwaSukulunye, KwaMaphumulo.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilelwa kwalolu daba kungakaphothulwa ngezinhlelo zokufihlwa kwaleli qhawekazi.