USIZWE ukubona isithunzi somhlaseli umsunguli weqembu Izingane Zoma, uShobeni Khuzwayo, okuthe ngoMsombuluko ebusuku wahlaselwa wadutshulwa emzini wakhe KwaNgqulu, eNquthu.
UShobeni udutshulwe walimala nendodana yakhe uMthokoziswa abalulama naye esibhedlela.
Indodana kaShobeni engumculi, uFalabo Khuzwayo, ithe ngabe banamanga uma bengasho imbangela ngokuhlaselwa komndeni wakubo.
“Kuhlaselwa ekhaya nje bekusanda kushiswa imoto la egcekeni, kanti futhi kuke kwabakhona nje izigameko ezenzeke kithi singazi ukuthi zisuka kuphi. La emphakathini bangu-8 abantu abahlaselwe bashona, bedutshulwa. Uma ngingakhuluma ngokwakithi nje, sekuke kwaba nezikhawu eziningana kubizwa imihlangano yomphakathi nabantu abehlukene okungathi balwa nathi, kodwa bengafiki thina siye khona,” kusho uFalabo osezakhele udumo ngokudlalela uKhuzani isigingci.
Uthe ngeke azi noma izingxabano zisuswa yipolitiki noma amabhizinisi abakuwo bengumndeni.
“Sike safikelwa amaphoyisa singazi ukuthi senzeni. Nangesikhathi ubaba eziveza ukuthi ungumlandeli omkhulu weqembu elibusayo i-ANC kukhona la emphakathini abangakujabulelanga lokho. Namanje asazi ukuthi ngabe kwenzekeni ukuba ubaba akaphumelanga ngaphandle wabona abahlaseli. Uma esho uthe ngesikhathi ekhuluma nocingo emi eduzane nenye indlu ubone izithunzi zabahlaseli njengoba ephume endlini ebesihlezi kuyo sonke ngoba bekungathi kuyabanda, sibasile sizihlalele nje. Umfowethu lo olimele ubengaphandle naye. Uma esitshela uthe ubone isithunzi wavele wahlehla, wazama ukusithela nokuyilapho abahlaseli bedubule khona. Nathi kulapho sizwe khona ukuqhuma kwesibhamu kodwa sonke thina ebesisezindlini asilimalanga, kulimale ubaba nomfowethu kuphela,” kuchaza yena.
Uthe njengoba oyise besesibhedlela nje bayalulama ezinhlungwini.
UShobeni Khuzwayo ungomunye wamaciko asemnkantshubomvu kule ndima futhi useke wasebenza nabaculi abadumile okubalwa kubo uShwi Nomtekhala, uMgqumeni Khumalo, uKhuzani nabanye abaningi. Useke wangenela ukhetho kwaze kwaba kabili ngaphansi kwe-ANC ku-ward 2, kuMasipala waseNquthu.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala.
Uthe okwamanje asikaziwa isizathu sokuhlasela.