IM-Net ithembisa into yamehlo uma sekuqala ukukhonjiswa kwesizini yesine yohlelo oluthakaselwa abaningi e-Afrika, iBig Brother Mzansi, ezoqala ngoJanuwari 21.
Isiqubulo sale sizini entsha, ezokwethulwa nguLawrence Maleka, sizobe saziwa ngokuthi iBig Brother S’ya Mosha.
UShirley Adonisi wakwaM-Net uveze ukuthi ezinye izigaba ezijatshulelwa abantu ukuzibona kulolu hlelo ngeke bazikhombise.
“Nakulo nyaka isigaba esaziwa ngeShower Hour ngeke size sikhonjiswe bukhoma kulolu hlelo. Kodwa esingakusho ukuthi sesikulindele ngabomvu ukwamukela yonke intsha eqhamuka kuleli nezobonakala endlini izakhela ugazi kubabukeli ngezinto ezihlukene abazobe bezenza ukuze babavotele nokuyothi odle umhlanganiso akhale emuke nomklomelo esizowumemezela maduze,” kusho uShirley.
Uveze ukuthi lolu ngolunye lwezinhlelo ezihamba phambili kuleli futhi kule sizini ngeke balethe lokhu abantu asebekujwayele.
“Njengoba isiqubulo sisho ukuthi S’ya Mosha, lokhu kuchaza ubumnandi obuzoba khona ohlelweni, izinto ezingalindelekile ezizobe zibonakala. Kuningi abantu abangakulindela, nathi sesikubheke ngabomvu ukuthi abantu bajabulele isizini entsha,” kuchaza yena.
UNatalie Bleksley, wenkampani iRed Pepper Productions okuyiyona eqopha lolu hlelo, uveze ukuthi kule sizi kukhona izinguquko ezenziwe ukuze uhlelo lushiye abantu bebambe ongezansi.
Uthe izinguquko abeza nazo zithinta amaphathi angoMgqibelo, imidlalo edlalwa ngoLwesihlanu nendlela uBig Brother azobe enza ngayo izinto endlini yakhe.