IMIDLALO okukhona kuyo iDurban Gen kwi-e.tv neThe Estate kuS3, izonyamalala amasonto ambalwa ingabonakali kwithelevishini njengoba iya ekhefini ngalesi sikhathi samaholidi.
Zombili iziteshi ezikhiqiza le midlalo ziveze ukuthi akukho zinkinga eziholele ekutheni zithathe lesi sinqumo kodwa ngenye indlela yokushintsha kancane izinhlelo zazo ngalesi sikhathi samaholidi.
Abaka-e.tv baveze ukuthi isizini yesibili ye Durban Gen izogcina ukubonakala ngoLwesihlanu(kusasa), ize ibuye ngoJanuwari 9.
“Lo mdlalo uthatha ikhefu nje lesikhashana uzobuya uqhubeke ngesizini yesibili nokungeyokugcina. Okwamanje ababukeli balo mdlalo bazojabulela uhlelo olwethulwa uSam Shale oluthi Men Don’t Cry, nolukhombisa kwi-Openview, esiteshini i-eReality. Lolu hlelo lubheka abesilisa abafika kulona abanezinkinga ezehlukene abafuna ukuphuma kuzona. Kwabesilisa kukhona abanqatshelwa ukubona izingane zabo, abanezinkinga zemali nabasebudlelwaneni abahlukumezeka kubo nabafuna ukushiya ukuze baphile impilo ejwayelekile,” kusho uThapelo Ramatsui wakwa-e.tv.
Umdlalo iThe Estate nawo uzothatha ikhefu njengoba ungeke usabonakala kuS3 kusuka ngoDisemba 26 kuze kube uJanuwari 13.
AbakaSABC baveze ukuthi lo mdlalo isikhala sawo sizovalwa omunye othi 13 Weeks to Find Mr. Right.
Lo mdlalo uzobe ubophele abalingisi okukhona kubo uKea Zawadi ozobe elingisa indawo ka(Nkuli) Bonko Khoza(Zakhele), Mohau Cele(Olwethu) Monnye Kunupi(Phumla), Didintle Khunou(Lerato) noLerato Mvelase ozolingisa indawo ka-Elaine.
Lo mdlalo baveze ukuthi uzogxila kakhulu entokazini uNkuli oyintatheli.
“Usemncane kodwa usebenza kanzima futhi ubeka umsebenzi wakhe engcupheni ngokubhala engosini yezothando azifihle ukuthi ungubani, agcine esehlangana nowesilisa onguZakhele azifelayo ngaye. Umdlalo wamahlaya lona abantu abazowujabulela kakhulu,” kuphetha isitatimende.