IZIKHULU zeSABC zithi ingcindezi ebeziyithola ebantwini abahlukene yenze zathatha isinqumo sokubuyisa umcimbi wezindondo amaMetro FM Music Awards.
Lo mcimbi obese kuphele iminyaka emihlanu ungekho uzoba seMpumalanga ngo-Ephreli 29.
Abaculi bavulelwe kusuka ngoJanuwari 19 ukuthi bafake izingoma zabo nokuyoze kuvalwe ngoFebhuwari 28.
UNada Wotshela oyisikhulu emikhakheni yemisakazo eSABC uveze ukuthi iminyaka emihlanu kubo ibe mincane njengoba unyaka nonyaka bebethola isikhalo sokuthi lo mcimbi kumele ubuye.
“Siyathokoza futhi sinenjabulo enkulu ngokubuya kwalo mcimbi kulo nyaka, nesaziyo ukuthi umcimbi othandwa abantu abaningi kuleli. Ngesikhathi ugcina ngo2017 wase waziwa kakhulu usunegama futhi uhlonishwa kulo mkhakha esikuwona. Ngakho ukubuya kwawo kuzoqhubeka nokugqamisa igama lenhlangano yeSABC ukuze abantu bayibone ukuthi iyabakhathalela kulokhu abakufunayo,” kusho uNada.
Uthe okunye okwenze umcimbi waba impumelelo ukuba nobudlelwane obuhle nabaxhasi ababa nabo uma behlela umcimbi.
“Asikuthathi kancane ukubona izinhlangano ezihlukene nezinkampani zixhasa lo mcimbi ukuze ube yimpumelelo. Lo mcimbi sesiwubambele ezifundazweni ezihlukene nakhona waba yimpumelelo, siyajabula ke ukubuyela eMpumalanga futhi siyathemba ukuthi abantu siyobakhombisa into akade bayigcina nabazoyithokozela,” kusho uNada.
Uveze ukuthi okuningi okuthinta umcimbi bazokumemezela.
Emcimbini kulindeleke ukuthi kubonakale abaculi abaningi be-piano, njengoba lolu hlobo lomculo ludlisa kulezi zinsuku.