KUQUBUKE indida kubhuntsha izinhlelo zokusakaza kowayeyisilomo soKhozi FM, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu ohlelweni lwantambama, i- Afternoon Drive, obekulindeleke ukuthi alushayele noZisto kwiGagasi FM ngoLwesihlanu.
Lezi zindaba ziqinisekiswe yisikhangiso salo msakazo kanye noNgizwe ngesikhathi ethula inkulumo kwiNgizwe Online.
Izinguquko zezinhlelo zokusakaza kwakhe (uNgizwe) zizwakale ngesikhathi sekuqale uhlelo.
UZulu Charmer uzwakale esefonelwa uZisto ocingweni kukhomba khona ukuthi akekho ezindlini zokusakaza obekulindeleke ukuthi afike qathatha kuzona.
Ngesikhathi ekhuluma noZisto emoyeni, uzwakalise ukungenami ngabaphathi besiteshi athe baqhamuke nezinguquko ngomzuzu wokugcina. Uthe yena ubetshelwe ukuthi uzosakaza njengoba ephinde wathola ucingo obelumazisa ukuthi uyisimenywa esizogcina ngokuphendula imibuzo azobuzwa yona ohlelweni. UKhulekani Shandu weGagasi FM, uthe kube nokuphambana kwenkulumo phakathi kwesiteshi noNgizwe.
"Besivele sihlele ukuthi simmemele ukukhuluma naye hhayi ukuthi ethule uhlelo nomsakazi wethu," kusho uKhulekani.
Ethintwa uZoso Ntombela obonakale kwenye yamavideo kaNgizwe obengumuntu obelibangisa kwiGagasi FM, uthe bebehlele ukuthi baye ezindlini zokusakaza.
Uthe baphazanyiswe yimoto abebehamba ngayo ngesikhathi bebuya oLundi, evele yabafela endleleni.
"Anginaso isiqiniseko sokuthi ubezosakaza yini uNgizwe noma ubeyisimenywa obekuzogcina ngokuthi kukhulunywe naso nje kuphela ohlelweni. Besingabantu abebezofika qathatha ezindlini zomsakazo saphoxwa yimoto," kubeka yena.
UNgizwe akalubambanga ucingo lwakhe efonelwa.Umyalezo athunyelelwe wona nawo akawuphendulanga, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Khonamanjalo umculi kamaskandi, uDlubheke uzwakalise ukunengeka ngesenso soKhozi FM athi lushintshe izinhlelo zokumenywa kwakhe kwiSigiya Ngengoma.
Unameke isithombe sakhe ebesikhomba ukuthi ubeyisimenywa obekuzokhulunywa naso ohlelweni lwayizolo.
Abalandeli balo mculi bakhwele badilika kuye ezinkundleni zokuxhumana bekhala ngokuthi bekumele kushintshwe izinhlelo njengoba eyisixhwanguxhwangu somculi.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mculi usanda kubonakala ehilizisana noKhuzani Mpungose.