INKANTOLO eNkulu yakwaBulawayo, eZimbabwe, ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwezilomo zamaciko uKabza De Small noDJ Maphorisa ngenxa yokuhluleka ukulandela imigomo yenkontileka ebezinayo yokunandisa ekhonsathini kuleliya zwe.
Incwadi egunyaza ukuboshwa kukaPetrus Kabelo Motha owaziwa ngoKabza De Small noThemba Sonnyboy Sekowe onguDJ Maphorisa, igunyazwe ngemuva kwesicelo esenziwe yiVic Falls Carnival Private Limited.
Amaphepha abonwe yi-IOL, esesitebeleni esisodwa neSolezwe aveze ukuthi kuyalelwa zonke izikhonzi zenkantolo eZimbabwe namaphoyisa ukuthi abophe laba bobabili abayise ejele. Incwadi ibhalwe yijaji uJustice Dube-Banda.
“Nilindeleke futhi niyalelwa ukuthi nithathe uPetrus Kabelo Motha noThemba Sonnyboy Sekowe uma nibathola eZimbabwe nibayise kwaBulawayo Prrison nale ncwadi ukuze bagcinwe khona kuze kube banikwa amasamanisi akhishwe yiNkantolo eNkulu kwaBulawayo…”
Inkantolo ithe kufuneka imali engu- US$18 395 (imali elinganiselwa kuR326 956) kulawa maciko.
Kubikwa ukuthi laba bebeqashwe ukuyonandisa kwiVictoria Falls Carnival kodwa bangafika emcimbini futhi imali abayibuyiselanga emuva. Ngokwemibiko bebenandisa kwaBulawayo ngempelasonto futhi basehhotela khona kule ndawo.
UDJ Maphorisa yisilomo emazweni ahlukene futhi uke wacula noYoung Stunna engomeni ethi Bopha.