KUBUKEKA sengathi basebaningi abantu bakuleli abafuna ukufuniswa izihlobo zabo abadukelana nazo njengoba uhlelo oluyintandokazi, iKhumbul’ ekhaya, lukhuza ibuya nesizini entsha.
U-Andile Gaelisiwe kulindeleke ukuthi aqhubeke nokwethula lolu uhlelo uma sekuqala isizini entsha ka-17..
AbakwaSABC bathi lolu hlelo luzoqhubeka nokusiza abantu abadinga ukufuniswa izihlobo zabo abadukelana nazo kudala, iningi labo elisuke lifuna ukufuniswa abazali babo.
U-Ofentse Thinane wakwaSABC uveze ukuthi kubenza bathobeke ukufinyelela la bekhona ngalolu hlelo njengoba lwenza kahle.
“Kuwona wonke amasizini, inhloso yethu wukungena kuyona yonke imizi sifunisa abantu izihlobo zabo. I-SABC1 iyaqhubeka nokwenza lokho njengoba ibuyise lolu hlelo ukuze lunikeze ithuba labo abafuna ukufuniswa izihlobo zabo futhi sikwenza ngayo yonke indlela ukuthi bazithole,” kusho u-Ofense.
Uthe iziqephu zokuqala zalolu hlelo zizoshiya abantu bakuleli bethakasela ukubona izindaba ezikhona kule sizini entsha njengoba zizobathinta izinhliziyo.
Khonamanjalo, uhlelo olukhuluma ngempilo kaZahara, iZahara –As I Rise, luyaqala ngoMgqibelo ngo-7.30 ebusuku.
UZahara uveze ukuthi ababukeli bohlelo bazojabulela ukubona impilo ayiphilayo nezokhombisa izinto ezihlukile azenzayo.
“Ngizobonakala ngithuthukisa impilo yami nomculo wami. Uhambo lwami belungelula ngempela. Ngishonelwe ubhuti wami, abantu benza ukungathembeki kimina, ingcindezi ebenginayo ibe nkulu kakhulu yangiholela ekutheni ngize ngizinikele otshwaleni,” kusho uZahara.
Uthe ukhwantalala lokulahlekelwa yiyona yonke into lumenze wenza izinto ezingajabulisi, okukhulu kakhulu kodwa ukuzinikela otshwaleni nokuyinto abephila ngayo usuku nosuku.