IMOTO: FORD RANGER 2.0L Diesel 6AT 4 Wheel Drive
I-FORD Ranger ihambela phezulu hhayi ngenxa yokushiya kwayo igabade kuphela kodwa ngokuba yiyona moto yonyaka i-2023 South African Car of the Year.
Ihlukene ngezinhlobo eziningi, okukhona kuzo neXLT engena phakathi kweXL, okuthiwa yiyona intandokazi ngokwe-website yakwaFord neWildtrak.
I-XLT yiyo esihambe ngayo ukuyizwa amandla. Bekuyi-2.0l diesel 6-speed auto 4-wheel drive. Ngihamba ngayo nje, ngiphuma kwiVW Amarok 2.0 Style.
Zombili zakhiwa kwaFord ngenxa yobudlelwano balezi zinkampani futhi zombili ziyancintisana, yingakho bese ngikubheke ngabomvu ukungena kuyo.
Ngiyazibuza ukuthi ngoba kuyimoto eyodwa, kungani iRanger idla kakhulu udizili. Ibidla amalitha angu-9.9 ngo-100km ekubeni i-Amarok ibidla angu-9.2 ngo-100km.
Ngize ngabona ukuthi empeleni le Ranger inenjini kadizili ene-turbo eyodwa enamandla angu-125kW ne-torque engu-405Nm ne-gearbox eyi-6 speed auto.
Ikhona neXLT enenjini engu-2.0 Biturbo enamandla angu-154kW, i-torque engu-500Nm ne-gearbox eyi-10 speed auto njengale Amarok ebengihamba ngayo.
Lokhu kungenze ngabona ukuthi mhlawumbe uma unamandla kumele uvele uqungele yona eyiBiturbo ngoba inamandla athe xaxa futhi iyonga ngoba injini ayisebenzi kakhulu ukungena ejubaneni. Namagiya amaningi enza idumele phansi futhi ingadli kakhulu.
Uma kodwa amandla engavumi nayo leRanger eyi-2.0l diesel 6-speed auto yindlela edla ngayo kuphela engikhalisayo ngoba emgwaqweni ihamba kahle.
Uhlala phezulu umshayeli, umgwaqo awubone kahle. Noma usuqwala izintamba awubi nalo uvalo ngoba iyi-4x4 futhi inazo izinsiza njenge-diff lock kanjalo namagiya okuhamba khona okuyi-4H no-4L.
Amandla ayo enza ikwazi ukudonsa isisindo esingu-3 500kg njengayo leyo enamandla angu-154kW.
Ngikuqaphelile futhi ukuthi iphephile ngoba iyakusiza ukuhlala emzileni kuze kube wuwe okucishayo lokho ngebhathini elisesiteringini, uma ungakufuni.
Iyakusiza uma ubhreka uma uzoshayisa, inama-airbag ayisithupha nokunye.
Ungalindela ukuthi kube wumsebenzi ukuyipaka njengoba inkulu nje kanti akunjalo ngoba isiteringi sakhona sithambe kahle, bese kuba nama-sensor ngemuva nangaphambili kanjalo nekhamera eveza ingemuva.
Ngaphakathi nihlala ezihlalweni eziyisikhumba futhi ivuleke kahle. Ngaphambili kwi-dashboard yilapho i-Amarok edla khona amaphuzu ngoba izinga layo lithe thuthu kancane.
Lapha kukhona lapho engibone sengathi akuhlangene kahle khona futhi noma uyithinta izwakala iwuplastiki yonke.
Engikuthandayo kodwa wukuthi inezindawo zokubeka iziphuzo ngalapho kuphuma khona umoya okusiza ukuthi ziphole noma zishise.
Ine-touchscreen infotainment system engu-10 inch okuyilapho ebengiveza khona iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo ne-digital instrument cluster engu-8 inch.
Kunezindawo zokushaja nenye oyisebenzisa ngaphandle kwentambo.
Ngaphandle inamarimu angu-16 inch ekubeni i-Amarok Style inangu-18 inch. InamaLED daytime running lights nama-headlights bese iba nesitebhisi esenza impilo ibe lula uma ufuna ukungena noma ukuthatha okuthile esikhenkeni ngasohlangothini.
Isikhenke lesi kasinawo useyili futhi sinokokusivikela phansi ukuze singaklwebheki.
Intengo:
R714 100
Ifika ne-warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, i-roadside assistance yeminyaka emine ne-distance corrosion warranty yeminyaka emihlanu.