KULINDELEKE ukuthi uthuthukise ithalente lentsha esafufusa umcimbi weJazz, iThekwini Jazz Jam obuwenziwa kanye ngonyaka nozoba ngeSonto endaweni edonsa amehlo osaziwayo abaningi kulezi zinsuku, iBrown Sugar, enxanxatheleni yezitolo i-Oceans Mall, eMhlanga.
Lo mcimbi ngeke nje ugqamise ithalente lentsha esakhula kodwa uzophinde ubophele abaculi asebezakhele igama kulo mkhakha.
Owalo nyaka uzobe ubophele abaculi okukhona kubo iqembu eladuma ekuqaleni kweminyaka yawo-2000, iFreshly Ground, umculi othandwa abaningi uma kuza esigqini se-afro pop uMnqobi Yazo, uNjilour, DJ Terrance, DJ Dumz, N.A.G, The Don nabanye.
Ekhuluma ngomcimbi walo nyaka uMbewenhle Moloi uveze ukuthi wumcimbi aebejwayele ukuwenza kanye ngempelasonto yomcimbi wamahhashi iDurban July kodwa manje bakhethe ukuthi bawenze njalo uma kukhona izivakashi eThekwini.
"Uma ubheka lama ciko esisuke siwaqashile ukuthi azonandisa azobe eseveza ikhono lawo hhayi nje kubantu baseThekwini kuphela kodwa nakulabo abavakashile nokubavulela amathuba okuthi basabalale nakwezinye izindawo. Siyanxusa ukuthi abazothanda ukuba yingxenye yomcimbi amathikithi bawathole ngokushesha njengoba indawo incikisela, sifuna abazozijabulisa eThekwini bathole okuhlukile kulokhu njengoba kule ndawo esiwenzele kuyo kungajwayelekile ukuthi kube nohlobo olufana nalolu lomcimbi, ngakho simema wonke umuntu. Siyabonga naseMnyangweni weDurban Tourism ngokusinika uxhaso lokuthi senze imicimbi yalolu hlobo ukuthuthukisa amaciko," kuchaza yena.
Okunye athe bayakuhlela uma benza imicimbi yalolu hlobo wukuthi ihambisane nezifundo ezizokwenza abantu baqonde umculo weJazz nomsuka wawo, ukuze abakhona bawuqonde kahle futhi bawujabulele.
Amathikithi uthe azotholakala ngoR250, emnyango.
Iqembu iFreshly Ground liza kulo mcimbi nentokazi entsha esiyingxenye yalo ngemuva kokushiywa wuZolani Mahola eminyakeni edlule.