Umqhudelwano webhola lezinyawo odlalwa ngosaziwayo, iJammin 2 Soccer Tournament ebiseTsakane Stadium, eGoli, ngeSonto ukhungathwe yizinkinga uqala kwaze kwaba sekugcineni.
Emdlalweni wokuqala owandulela owamanqamu kutholane phezulu iMaskandi FC, ebiholwa wuKhuzani Mpungose neHip Hop FC, ebifolosa ngoBig Zulu.
EzikaKhuzani ziqunjwe phansi ezikaBig Zulu ngamagoli amabili eqandeni.
Igoli lokuqala lihlohlwe wuScelo Dlomo kwathi elesibili labhakuziswa enethini nguTouchline.
Kulo mdlalo kulimale kabi uGatsheni weMaskandi FC emuva kokudlaliswa kabi nguBig Zulu.
Uphume enkundleni esexhagwe ngabosizo lokuqala.
Indawo kaGatsheni ithathwe wuLuve Dubazane. Kuhluleke ngisho iMaskandi FC seyifaka uBingelela woKhozi FM noSgwebo Sentambo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Yize kunjalo uScelo ube wumdlali ovelele. Sewuphelile umdlalo oKhuzani bakhalile ngokudlaliswa komrepha obengabalulwanga kusaqala isonto.
Emdlalweni wesibili owandulela owamanqamu kuphume phambili iGqom FC ibhuquzisa iGospel FC ngamagoli amabili kwelilodwa.
Sekuphele umdlalo iGospel ikhale ngokuthi iGqom ayimsebenzisanga umculi wesifazane ekubeni imithetho ikubalula ukuthi iqembu ngalinye bekufanele lidlalise nomculi wesifazane okungenani imizuzu elishumi kuya phezulu.
IMaskandi FC isebenzise uBingelela, iGospel FC yafaka uPuleng March kwathi iHip Hop yabophela uLebo.
Okunye okukhalise iGospel ukuthi iGqom FC beyibophele abadlali abawu-11 abasebholeni elikhokhelwayo.
Sekufanele kuqale umzuliswano wamanqamu, womane amaqembu avele angena enkundleni.
UDumi ubephoqa ngenkani ukuba kuhoxiswe iGqom kanti iMaskandi FC beyithi uma kuke kwangena iGospel FC emzuliswaneni wamanqamu, esikhundleni seGqom' nomakanjani nabo bayangena.
Kuke kwamiwa izixongololo isikhathi eside, kwagcina sekuqhanyukwa nesisombululo sokuthi okungcono la maqembu akakhahlele amaphenathi kodwa uTira wathi ngeke bakwenze lokho.
Kuthe kusenjalo uBig Zulu noTira bathi bona sebeyawuduba lo mdlalo, sekuzodlala iGospel neMaskandi FC. Sekufanele uqale umdlalo wamanqamu, babuyile oTira nabadlali beHip Hop bathi abaphumi enkundleni ngoba yibo abawinile.
I-SABC Sport, ebisakaza ukusuka nokuhlala kwale midlalo, igcine iphoqelekile ukuba ihoxe ekusakazeni umzuliswano wamanqamu. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungaziwa ukuthi kugcine kuphethwe kanjani. Iqembu ebelizowina belizohlabana ngoR250 000.
Kule midlalo bekuhlaziya uDoctor Khumalo wodumo kwiKaizer Chiefs noHappy Jele oke waba ngukaputeni we-Orlando Pirates.