UZONABELA kwamanye amazwe umdlalo omusha woMzansi Magic, iQueen Modjadji oqala ngeSonto ngo-8 ebusuku, njengoba uzokhonjiswa nasemazweni ayisithupha ase-Afrika, okuzosiza ukuqhakambisa ulimi isiKhelobedu, esizokhulunywa kuwona.
Lokhu kudalulwe yisikhulu esiphezulu sezinhlelo zobumnandi zeMultichoice, uNomsa Philiso.
Ubekhuluma emcimbini wokwethula lomdlalo ngokusemthethweni, obuseMonte Casino, eGoli ngoLwesine ebusuku.
Isolezwe belikhona kulo mcimbi obuhanjelwe wosaziwayo, iningi labo okungabalingisi bemidlalo eyahlukene okubalwa kubona o-Ayanda Borotho, Lemogang Tsipa, Nomzamo Mbatha, Sello Maake KaNcube noSiyabonga Khumalo ukukha phezulu.
UNomsa uqinisekise ukuthi lomdlalo okhiqizwe yiRhythm World kaDuma Ndlovu, noneziqephu eziwu-12, uzokwazi ukubukwa ngabaseZambia, Kenya, Nigeria, Angola, Mozambique, Ghana naseNingizimu Afrika.
“Sijabule kakhulu ngalo mdlalo ikakhulu ngoba sikholwa wukuthi kufanele ngabe kade wabakhona. Siziqhenya ngokuthi lomdlalo wehluke kakhulu kwesake yakhona, futhi uzoqhakambisa amasiko nezilimi zethu zomdabu,” kusho uNomsa.
UDuma uthe kusemqoka kakhulu ukuqhakambisa izilimi namagugu ethu ngemidlalo efuze lona ukusiza ukuqinisekisa ukuthi izizukulwane ezizayo zazi kabanzi ngakho.
“I-Queen Modjadji wumdlalo ozogqamisa amandla omuntu onsundu, wubuhlakani namandla awaphiwe wuNkulunkulu. Asingabazi ukuthi uzosiza ukuletha umehluko kumaBalobedu, wenze aziqhenye ngobubona,” usho kanje.
UMakoma Mohale olingisa uQueen Modjadji uthe: “Ukulingisa lendawo kube yinselelo ikakhulu ukufunda isiKhelobedu ngoba ngikhule ngikhuluma isiPedi, kodwa ngicabanga ukuthi kuzoba nomvuzo omkhulu kimina, futhi kungisize kakhulu ukukwazi ukuxhumana namaBalebedu.”
UMasutang Rasekele odlala uDzugudini, uMama kaQueen Modjadji, uthe kusho lukhulu ukuba kulo mdlalo ikakhulu ngoba uyiBalobedu, futhi ukhule ezwa lukhulu ngoQueen Modjadji.
“Kusemqoka kakhulu ukuxoxa izindaba ezifuze lena ngoba ziwusizo ukusabalalisa umlando wethu emhlabeni jikelele, futhi kulekelela ukugcina ubunjalo bezilimi zethu,” kusho uMmasutani.
I-Queen Modjadji eshuthelwe ezindaweni ezahlukene eLimpopo, yakhe amathuba omsebenzi angaphezu kwa-600 ezinyangeni ezine iqoshwa futhi kuvele nokuthi bawu-30% abantu besifazane abebeyingxenye yethimba elisebenze ukuyiqopha.