IZINKAKHA emikhakheni ehlukene zizohlonishwa ngegalelo ezilibambile emikhakheni ehlukene kuleli, ohlelweni olusha kuMzansi Magic (161).
Uhlelo iMzansi Icons, oluzokwethulwa nguMaps Maponyane luzoqala ngoLwesibili oluzayo, ngo-8.00 ebusuku.
Ohlelweni kuzobonakala osaziwayo abahlukene abaqhamuka emikhakheni ehlukene, okukhona kubo uKabelo Mabalane, Jessica Motaung, Khuli Chana noZibusiso Mkhwanazi, ukusho abambalwa.
UShirley Adonisi, ongumqondisi wezinhlelo zakuleli kwiM-Net uthe kumele abantu bazibuze ukuthi kungani amaciko akuleli amadala ehlonishwa kuphela uma engasekho.
“Kungakho- ke thina siqhamuke nalolu hlelo, ukuze sikhulume nabo ngomlando wabo, sibheke lapho besuka khona, bese sibabonga ngabakwenzile endimeni lowo esizobe sikhuluma naye akuyona. Sizobheka kakhulu abaphumelele emkhakheni abakuwona, basitshele ukuthi bala abakhona nje bahlangabezana nani endleleni, okuhle nokubi nokuthi yini ebakhulisile baze baphumelele nje,” kusho uShirley.
Uthe abantu bakuleli bayabathanda abantu abaduma eminyakeni edlule, abazothola ithuba lokuthi babazi kangcono.
“Akekho ozobe exoxa izindaba zabo ezabavelela, kuzobe kuyibona uqobo. Sazi kahle ukuthi kukhona izibukeli zethu ezizojabulela lolu hlelo ngendlela engachazeki. UMaps simbone engumethuli okulungele ukuba yingxenye yohlelo njengoba ezalwa yinkakha kwayena futhi engumuntu esingangabazi ukuthi kuningi akwaziyo ngabantu abazoba sohlelweni, futhi nezinye azobabuza zona siyazi ukuthi uzokwenza lokhu engaqageli, ngakho izibukeli zinohlelo olusha ezizolufaka kwabazithokozelayo esiteshini sethu” kuchaza uShirley.
Khonamanjalo abakwaParamount, okukhona kubona isiteshi iBET(129), sebememezele ukuthi isiteshi sabo sesiyatholakala emakhasimendeni eDStv eyaziwa nge-Access.
Ukuqala komdlalo omusha kulesi siteshi, iRedemption yikhona okubenze bathatha lesi sinqumo ngenxa yokuthi bafuna lo mdlalo uthakaselwe ababukeli abaningi bakuleli.
Umdlalo Isono, owawukhonjiswa kulesi siteshi wagcina uqediwe ngenxa yokungenzi kahle uma kuziwa kubantu abawubukelayo.