USAZIWAYO wodumo kwiReal Housewives of Durban, uNonku Williams, usenqunyelwe ugwayi katiki ngobeyisoka lakhe, uDumisani "Rough Diamond" Ndlanzi, ukuba ageze igama lakhe emphakathini.
Ngokommeli, uSabelo Khubisa weKhubisa Attorneys, uDumisani ufuna uNonku asuse ngokuphazima kweso zonke izinkulumo azikhininde ngaye ezinkundleni zokuxhumana nakuwo wonke amakhasi aqukethe amampunge nemininingwane eyehlisa isithunzi ngaye.
"Siyakuphoqa ukuba ngokushesha unikeze ikhasimende lethu le mininingwane elandelayo ebhalwe phansi engakashayi uMashi 8, 2024 ngo-4 ntambama.“
Bafuna isiqiniseko sokuthi yonke imibhalo esezinkundleni zokuxhumana isusiwe, isifungo sokuthi uzoyeka ukuqamba amanga, ukudicilela phansi isithunzi nokusho izinto ezingekho nezilimazayo ngoNdlanzi.
“Sifuna nesixoliso esibhalwe phansi esibhekiswe ekhasimendeni lethu futhi sasabalaliswa ezinkundleni lapho izinkulumo ebezidicilela phansi isithunzi salo zibhalwe khona."
Incwadi yabameli iqhuba ithi uma uNonku ehluleka ukuxolisa, uNdlanzi ngeke angabaze ukumthathela izinyathelo zomthetho ngokuhlambalazeka. Bathi nezindleko zizothwalwa nguNonku.
Ngokwencwadi, uNdlanzi uthinte abameli bakhe emuva kokuba uNonku eshicilele isitatimende ngoJanuwari 24 kulo nyaka lapho abekhwela edilika kuNdlanzi.
"Usole ikhasimende lethu ngokweba impahla yenkampani yakhe ebiza isamba sika-R300 000 futhi lokho wakwenza ohlelweni lwethelevishini kwiShowmax nakwezinye izinkundla zokuxhumana.
“Wenze lezi zinsolo wazi kahle kamhlophe ukuthi zingamampunge futhi azikho emthethweni kodwa waqhubeka wazishicilela ngenhloso eyodwa, yokwehlisa isithunzi sekhasimende lethu,’’ kubhalwe kanje encwadini.
Le ncwadi idalule ukuthi uNonku noNdlanzi baqala ukwazana ngo-Okthoba 2022 ngomngani ngesikhathi uNonku enezinkinga zemali ebhizinisini lakhe, wabe esecela uNdlanzi nozakwabo ukuba bamsize futhi bavuma ukukwenza lokho.
UNonku noDumisani bake bavela ohlelweni lweTV bethembisana umshado futhi uDumisani epha uNonku isipho semoto nezimbali. Ngaphambi kokujola noDumisani, uNonku wayeyintombi yomculi wokholo ongasekho, uSifiso Ncwane, abanendodakazi naye.