Isiteshi iMoja Love sithi sesithole ukuthi kunenye inkampani eqopha uhlelo egameni lolwayo iSizok’thola futhi iphula umthetho.
Le nkampani ikhiphe isitatimende isola owayengumethuli weSizok’thola uXolani Khumalo nethimba lakhe.
Ngonyaka odlule iMoja Love noKhumalo banqamula isivumelwano sokusebenzisana ngemuva kokuvela kwezinsolo zobugebengu uma kuqoshwa uhlelo.
Lesi siteshi sithe sithole izikhalo emahhovisi emanxusa aseNigeria naseDemocratic Republic of Congo ethi izakhamizi zawo zihlaseliwe kuqoshwa.
PRESS STATEMENT: pic.twitter.com/uHSPnjcRQZ
— MojaLoveTv DStv Channel 157 (@MojaLoveTv) April 6, 2024
“IMoja Love ifuna ukucacisa ukuthi akukhona okwayo okuqoshwayo futhi iyaziqhelelanisa nezenzo zobugebengu. USizol’thola ngeyeMoja Love futhi uXolani Khumalo usebenzisa umbono wesiteshi nokuyinto ewukuphula umthetho. Isiteshi sesimthumelele incwadi emyalelela ukuba ayeke lokhu futhi sizokwenza konke okusemandleni, nokusemthethweni ukumyekisa.”
Isiteshi sithe sizohlangana nenxusa laseNigeria nelaseDRC nngokushesha ukulungisa lolu daba.
“Sinxusa umphakathi ukuthi ubike izenzo zobugebengu emaphoyiseni.”
Lesi siteshi sithe simemezele umethuli wesizini entsha yesithathu yeSizok’thola, uXolani Maphanga futhi silandele yonke imigudu ukuqopha.