IZINKINGA ezithinta imali yerenti nokungaboni ngaso linye phakathi kwesiqashi nomastende, ziwumongo wohlelo olusha oluthi Mastende: Sishay’umthetho, oluzobonakala kuMzansi Wethu (163), ngenyanga ezayo.
Uhlelo oluzoqala ngoNovemba 3, ngo-6.30 ebusuku, luzokwethulwa umlingisi obuye abe ngusomahlaya uTE Matila ‘Stopnonsons’.
Kuzoxoxwa nomastende abahlukene neziqashi ezifuna kuxazululwe izingxabano ezikhona lapho zihlala khona.
Ekhuluma ngohlelo uShirley Adonisi wakaM-Net, uthe abakubheke kakhulu ukuthi bezwe izinkinga ezikhona, kungaba ethinta imali noma okwashiwo ngomunye emphakathini, bese bethola isixazululo futhi bacele usizo lwezomthetho uma kudingeka.
“Ubudlelwano besiqashi nomastende yibona obuzobhekwa kakhulu kulolu hlelo. Isiqephu ngasinye sizozama ukuza nesixazululo ezinkingeni ezisuke zikhona lapho sibizwe khona. Izinkinga ezizobonakala zihlukene ngeke kube yizindaba ezifanayo. Kuleli lakithi siyazi ukuthi ukuqasha yinto ejwayelekile futhi emphakathini eminingi iyenzeka.
“Izinkinga eziba phakathi kwabaqashile bebodwa yinto esihlala siyizwa, kuthiwa omunye usehlebe ngomunye, sebenyathelene nomastende wakhe ngandlela thizeni. Esifuna ukukuveza ukuthi akumele izinqumo zokuthi baxazulule inkinga abanazo zithathwe kalula kodwa sibheka ukuthi umsuka ukuphi futhi umthetho ungabasiza kanjani,” kuchaza uShirley.
Uqhube wathi okujabulisayo ngohlelo ukuthi bazokhombisa izindaba zangempela neziza nezidubedube ezehlukene.
“Asifuni nje ukugqamisa impi kuphela phakathi kwabantu abahlukene, kodwa ukuthola isixazululo, sibashiye bekuqonda okwenzeka phakathi kwabo. Wuhlelo lolu olujabulisayo, ngezinto ezenzeka ngempela emiphakathini esihlala kuyona. Kumele basethembe abantu futhi bajabulele uhlelo ngoba luzobashiya nemizwa ehlukene,” kuchaza yena.