UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic
AbakwaGumede nakwaMthembu bakhathazekile ngemuva kokuthola umuntu emba egcekeni kwaGumede ebusuku. UKhulekani uncenga umfowabo ukuba athathe unkosikazi wesibili. UNdlovu ufaka indodakazi yakhe ezinhlelweni zakhe. USiphamandla (Nay Maps) noMabusi babuyela lapho uthando lwabo lwaqala khona. UNdlovu ufuna ukwenza konke ukuze agqame. UNdlovu usebenzisa ithuba ukuziveza njengomsizi ofanele kaMkhululi. UGabisile wenza uMaMzobe amkhombise ukuthi uzifihle kuphi izikhwama.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku ku-e.tv
UZanele unqamula ukuxhumana noZola ngoba akakwazi ukukhohlwa akwenza kuye kudala futhi usaba ukuthi angase enze okufanayo enganeni yabo. UFaith udalula ukuthi uBenjamin unezindaba ezishaqisayo ngoZola. UZanele uyashaqeka futhi uyadideka uma uBenjamin eveza ukuthi uZola uzimisele ngokuvuma icala ngakho uZanele ngeke aze afakaze. U-Isaac uzibona eyisehluleki njengomzali uma u-Ona engavezi ukuthi kuqhubekani empilweni yakhe. U-Isaac ucela uBra Zakes amsize nganoma yiluphi ulwazi alutholayo mayelana nokudunwa kwemoto kaNkosi. UBra Zakes ufonela abaduna uNkosi imoto ubatshela ukuthi u-Isaac angaba yinkinga ngokuhamba kwesikhathi.
UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kuSABC 1
UNkunzi ufuna imali yokuvikela abantu ivele kwi-akhawunti yakhe ekuseni. UKhumbulani unombono wokudayisa ingane kaMinenhle. USibongiseni ulwa nomcabango wokuthinta uHlelo. UKhumbulani uyalela uZodwa ukuthi agade uMncedisi. UMinenhle ucabanga ukuthi usenendlela yokuthola ingane. UNkunzi uphatha kahle izinsizwa futhi kwethulwa iKhethukuthula Foundation. UMinenhle ulahlekelwa yithemba ngokuthola indodana yakhe. UKhumbulani no-Abdul babanjwa benza ubugebengu. UNjinji uphosela uNkunzi inselelo, emsabisa.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku kuMzansi Magic
UStokkie ubona sengathi amaphupho akhe ayaphumelela. USivuyile noKuhle babeka ubudlelwano babo kwelinye izinga. Isidlo sasebusuku sabakwaMxenge simoshwa wuVuyokazi. UNobomi noNtando bafuna uThulani ajeze ngezenzo zakhe. UNgamlana kukhona akuthola ngoKuhle noSivuyile. Umyeni kaYoliswa ufuna athwale kanzima empilweni. Uma uNgamlana ehlukanisa uSivuyile noKuhle, uSivuyile uqhamuka neqhinga lokuba naye. AbakwaMxenge bahlanganyela ndawonye ephathini ka-Anathi noThulani nokuyinto uVuyokazi angeneme ngayo. UKuhle ushintsha umqondo kaSivuyile.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku ku-e.tv
Indodana kumele ithathe isinqumo esinzima uma kukhona izindaba ezitholayo. UTebello wenza iqhinga lokuthola bonke ubufakazi abudingayo. UTaps uyashaqeka uma ebona okwenziwa wuMdala. Kuthiwa sekukhishwe imali ngempilo yomuntu futhi kukhona asebeqalile ukuyibanga. Uma umndeni ufuna iqiniso, owesifazane osemncane kumele akhethe ukuthi yini okumele ayisho. UCee-Jay ushaqiswa wumyalezo ovela kuMary (Mikateko Hlabangwane). Iqhinga likaMary noCee-Jay liba nomphumela obungalindelekile. UTebello uphoqeleka ukuthi aqine uma izinto zingahambi ngendlela yakhe.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kuSABC 2
UJames usenkingeni. UKgosi ufuna uyise. Kukhona okuqhubekayo phakathi kukaVhutshilo noNdiwavho. UNkele uyaphoxeka uma uReneilwe engafiki ngohambo lwabo lwaseFrance. UJames uyamiswa ngenxa yemali enyamalele. UMatshidiso (Buhle Samuels) ubanjwa oqotsheni enza okungacabangeki. U-Azwindini uyanqaba ukwenza okufanele. UVhutshilo uhlulwa wuNdiwavho emdlalweni.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kuSABC 1
UCosmo ushaqiswa okufunwa uMinnie. UNozipho wenza into yamehlo esiteshini samaphoyisa. UNkosiyabo uveza ukuthi unonya kangakanani. UKhumo kunemfihlo abeyigcinile… UMrekza uqinisa isandla uma uLucy engalaleli. U-Anathi uyacasuka uma ebukelwa phansi. UMpho uzama ukudala ukuthula eqenjini. ULucy uthuswa akubonayo.