NGEMUVA kokwenziwa kwezinguquko emisakazweni ngiye ngithande ukungasheshe ngahlulele abasakazi abasuke bengene ezinhlelweni ezintsha.
Lokhu kungenxa yokuthi ngisuke ngifuna ukuthi bazinze bajwayele ngoba kuye kwenzeke ukuthi inkonyane ithuke isisinga ngezizathu ezahlukene.
Yize kunjalo kodwa ngiyawephula lowo mgomo engazibekela wona, ngithathe leli thuba ngisincome isinqumo esenziwa yiMetro FM sokulanda uFaith Mangope.
UFaith ulandwe kwiPower FM lapho ebethula khona uhlelo iPower Lunch ngo-12 kuya ku-3 emini phakathi nesonto.
Amava akhe kwezokusakaza awangatshazwa njengoba eke wancela ulwazi nakuBob Mabena, ongasekho, ngesikhathi bethula ndawonye uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto kusona lesi siteshi.
UFaith ufike kwiMetro FM wazovala isikhala sika-Ayabonga Cawe ohlelweni iMetro FM Talk ngo-7 kuya ku-9 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesine.
Bengiyithanda indlela u-Ayabonga abesishaya ngayo isiXhosa uma esanda kuqala uhlelo lwakhe. Uhlelo lwakhe yize belunazo izindaba kodwa ngangimuzwa njengomuntu okhonze kakhulu ezomnotho namabhizinisi.
UFaith, ngakolunye uhlangothi, ungumuntu wezindaba ozaziyo ezihamba phambili ezweni sakhile bese ezidingida kabanzi.
UFaith ngingamfanisa noSakina Kamwendo owake wayibamba kwiMetro FM phambilini. Naye wayengumuntu ozaziyo izindaba futhi enganqeni ukubuza imibuzo.
NoFaith unjalo, izindaba uyazazi futhi nemibuzo uyayibuza ukuze thina njengabalaleli siqonde kangcono.
Kube kuhle ukuthi iMetro FM ithole umuntu onjengaye ofike wangachitha sikhathi kodwa wangena khaxa ohlelweni. Uyayiphila into yezindaba uyezwakala.
Siyabonga ngoba akwenzekanga umshophi wokuthi kuthathwe noma wubani ngoba nakhu ekwazi ukusakaza.
Izinhlelo ezinjengalezi zifuna umuntu ofundayo futhi ozilandelayo izindaba, ongeke nje athembele kwakunikwa wumdidiyeli kuphela ngoba uyezwakala umsakazi ofundayo nokhuluma into ngoba eyazi.
Ungangibhalela [email protected], kwiTwitter @Fanele Bengu noma kwiFacebook Fanele Bengu.