UMSAKAZI wohlelo lokholo phakathi nezinsuku kuKhozi FM, uPhindile "Phindi P" Phewa, uqhathwe nezingwazi zamazwe ngamazwe kumaTexas Gospel Music Excellence Awards azobanjelwa eHouston Hobby Marriott Hotel, e-USA ngoFebhuwari 15-18 ngonyaka ozayo.
UPhindi P (35), osakaza uhlelo olubizwa ngoLibo Lokuqala ngo-3 ekuseni, uqokwe emkhakheni we-International Female Soloist of The Year lapho etholene khona phezulu nabaculi okubalwa kubo uJoyce Ochelle (UK), Mary Ozaraga (Philippines), Kristojay Paul (Barbados), Mama Tee (Canada), Julia Vidoriz (Brazil), Kareema Al-Shabazz (Trinidad), Fummi Orisie (UK), Evelyn Brandford (USA), Sista Richness (USA), Sis Izzy Thomas (USA) nabanye.
Yize kuzobe kungokokuqala uPhindi P ehlabana ngomklomelo emncintiswaneni osezingeni lomhlaba, kodwa useke wawudla umhlanganiso amahlandla amabili kumaSABC Crown Gospel Awards ngokuba wumculi nangokuba wumsakazi weHighway Radio. Uthe unethemba lokuthi ukuqolwa kwakhe kulo mqhudelwano kuzomvulela iminyango phesheya kwezilwandle.
"Kungenzeka ngizibone sengiqokwa nakweminye imiqhudelwano futhi senginandisa emicimbini emikhulu yamazwe ngamazwe." Uthe ukuphumelela indondo ye-International Female Soloist of The Year kulele kumavoti abantu bakuleli.
"Ngiyabacela abantu ukuba bangene emakhasini ami asezinkundleni zokuxhumana ukuze babone ukuthi ngivotelwa kanjani noma bangene kwi-website yalo mqhudelwano," kusho lo msakazi odabuka eZingolweni futhi osanda kukhipha i-EP esihloko sithi I Believe nequkethe izingoma ezithi Moya Ngilambele Wena (ayicula noDumi Mkokstad), You are God (ayibhalelwe wuDr Tumi) nethi Ngizocasha.