Intandokazi engumsakazi wohlelo oluqala ekuseni ngo-9 kwiVuma 103 FM, uJacinta Ngobese, inyelwe yinyoni esandleni njengoba imele iNingizimu Afrika emqhudelwaneni waseGhana.
UJacinta (37), waKwaMashu, uqokwe emkhakheni we-African Female Radio Entertainment Show Host nakoweVoice Over Artist of the Year kumaLadies in Media Awards (Lima) aseGhana, usukela ngoMashi 28 kuya ku-30.
Le ntokazi ithe kuyijabulise kakhulu ukuqokwa, ikakhulukazi ezweni langaphandle, ngenxa yekhono lokusakaza.
“Lokhu kusho ukuthi ikhono lami selaziwa nangaphandle kwaseNingizimu Afrika. Kuyangithokozisa lokho ngoba kusho ukuthi izinto engifisa ukuphumelela (kuzo) zizokwenzeka ngoba igama lami liyakhula kakhulu emhlabeni.”
Uthe inhlanhla imehlele esanda kubuya eMelika lapho abemele khona izwe kwi-International Visitor Leadership Program (IVLP) nyakenye. UJacinta uqhudelana nezingwazi zamazwe ngamazwe nje eGhana, amagalelo akhe aqale ukwaziwa kuleli.
Uqale ukuhlabana esenguphrojusa kwi-Alex and The Morning Crew kwiGagasi FM njengoba athola khona indondo yeBest Radio Producer kuma-MTN Radio Awards ngo-2014.
Uqhubekile ngokugila izimanga kuma-KZN Entertainment Awards emkhakheni weBest Radio Presenter ngo-2020. Waphinda wazidlela amahlanga kumaSebenza Women Awards, emunxeni weBest Radio Presenter nakoweBest Social Media Influencer.