"BUKHULU ubunzima engike ngabhekana nabo bazalwane, eminyakeni emibili eyedlule. Abantu abaningi babecabanga ukuthi ngalesi sikhathi ngiyobe sengizibulele.
“Abanye babecabanga ukuthi ngiyobe sengidla izidakamizwa. Abanye babecabanga ukuthi ngiyobe sengiyinto yensangu. Abanye becabanga ukuthi ngiyobe sengaba yinto yotshwala..." kugonyuluka uSbu.
Ugonyuluke kanje muva nje, owayengumsakazi woKhozi FM, uSbu Buthelezi, ngesikhathi eshumayela enkonzweni yokumkhulekela ebihlelwe yiCharis Missionary Church, eKhalanyoni, eHarrismith.
"Kwasho ukuthi bazalwane ukuqonda kwami kungaphezu kobuhle bukaNkulunkulu. Ngangena ekujuleni bokuqonda ukuthi uNkulunkulu ungubani.
“Ngisho ngoba ukuqonda ukuthi ungubani uNkulunkulu kungenze ngakwazi ukubona ukuthi yonke into eyenzekayo emhlabeni ayilutho ngoba kunombuzo okuyiwona osibusa sonke thina boMbuso kaNkulunkulu othi 'Kukhona yini okumehlulayo yena?'
“Lo mbuzo ungibusa ebusuku, ungibuse emini. Uma ngihamba, ngicabanga ngijula ngobuhle bukaNkulunkulu."
UButhelezi uthe ubheka emuva ezama ukumqonda ngokuwa evuka naye kusukela esabunjwa esizalweni sikanina.
"Angisoze ngayithatha kancane leyonto. Uma ngibona abantu bezidakelwa utshwala emigwaqweni yaseThekwini, neyaseGoli kanye nasePitoli.
“Umbone umuntu ukuthi akasakwazi ukugeza, sekwaphela izinsuku. Ngithi emqondweni wami nasenhliziyweni yami kodwa Nkosi ungenze ngisanjena. Bengisenjena izinto zisahamba kahle. Ngisanjena ngisho izinto zisanjena, kodwa ngisenjena."
Uthe yonke into eyenzeka kumuntu isuke iveza ubukhona bukaNkulunkulu.
USbu aze akhulekelwe nje, usanda kukhonjwa indlela kuKhozi FM emuva kokutholakala ukuthi kunenqwaba yabantu abaqola izizumbulu ezibalelwa kuR60 million.
Abantu bathi wabanxenxa ngesikhathi esasakaza uhlelo lweNdumiso ukuba batshale izizumbulu zemali enkampanini yakhe, Eyombuso.
Omunye waze wambika esikebheni saseNquthu, naso sambamba sathi ukuxoxaxoxa naye kodwa sabuye samdedela. Abanye bagcine bemvulele uxhaxha lwamacala, ikakhulu esiteshini samaphoyisa saseThekwini.
Kugcine sekuqhamuka abanye abazalwane baqongelela imali ngenhloso yokumeseka esimweni abhekene naso.