Ezinsukwini ezedlule ngithe ngilalele iMetro FM, ngezwa isikhangiso somcimbi wayo iMetro FM Heatwave ohambela izindawo njalo uma sekuzogoqwa unyaka.
Kulokhu okungithathile wukuzwa uhla lwabaculi abebezonandisa kuwona. Umjikelezo ubuzoba seNewcastle ngempelasonto esiphuma kuyo. Abaculi obekuthiwa bazonandisa, kubalwa kubo iNkosi Yamagcokama, Skweletu noGatsheni.
Kungithathile ukuthi angijwayele ukuzwa umaskandi udlala kwiMetro kodwa uma isiphuma isiya kubantu, igadla ngabaculi bawo.
Ngibone ubuxoki kuyo, ukuthi yize bewabona amandla kamaskandi kodwa kabawandisi emoyeni.
Kukhona ebengiyikhuluma naye le ndaba, wangivezela ukuthi ngokujwayelekile isiteshi sibambisana nabahleli bemicimbi nabanikazi bezindawo esisuke siya kuzo, bese kuba yibo abakhetha uhla lwabazonandisa.
Kungenzeka ukuthi lapha kube ngesifanayo. Noma kunjalo kodwa ngicabanga ukuthi isiteshi sinalo ilungelo lokungazibandakanyi uma sibona ukuthi umcimbi awuhambisani naso.
Ngakho ngibona kuwukuvuma ukuthi umaskandi uyathandwa. Kunenqwaba yabalalela iMetro FM abawaziyo futhi abawuthandayo umaskandi.
Ukuthandwa kwawo asikubone kwenzeka nasemoyeni. Angisho ukuthi sekumele kube yiwo odlalwa kakhulu kodwa makube wukukhombisa ukuthi siyakubona okwenzekayo.
Iqiniso wukuthi umaskandi usungene ngisho kubantu abebengawunakile phambilini. Ngena ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi iTikTok, uzobona ukuthi lo mculo uyintandokazi.
Abaculi abavelele manje benza umsebenzi oncomekayo, owenza kube nzima ukubaziba.
NeGagasi FM belineBeach Festival manje, lafaka uNtencane ohlwini lwabebenandisa. Like liwudlale mbijana lo mculo kodwa lisengakukhulisa.
Akusezona zonke izingoma ezizodunyiswa yimisakazo manje, ngakho uma kubonakala ukuthi kunengoma edumile, abayithathe bayifake ohlwini lwezingoma ezidlala kakhulu.
Ngesonto eledlule ngibone ingoma kaMthandeni SK, apike kuyo uLwah Ndlunkulu ilele endaweni ka-18 ohlwini lwezingoma ezidlalwe kakhulu emisakazweni yakuleli, phakathi kuka-24 Novemba noNovemba 30.
Uhla luhlanganiswa yiRadio Monitor, okuyiyo ebheka ukudlalwa kwezingoma emsakazweni.
Yinto enhle le ngoba ingoma iyathandwa futhi kumele nezinye ezithandwayo zikamaskandi kube yinto ejwayelekile ukuzibona zibalwa.
Akumele imisakazo incishe abantu into abayithandayo.