KUZONANDISA abaculi bakamaskandi izingoma zabo esezibukwe amahlandla angaphezu kuka-1 million emcimbini walo nyaka iGwalisa Spring Picnic All White, eyethulwe kwabezindaba ngoMsombuluko.
Lo mcimbi uzobanjelwa eKings Park, eThekwini ngoNovemba 2.
Emcimbini wokuwethula kwabezindaba, okhulumela lo mcimbi uMthokozisi Zuma uthe bajabule ngempumelelo yawo kusuka bawusungulwa njengoba ukhombisa ukukhula unyaka nonyaka.
“Unyaka nonyaka sisebenzisa izindlela zokuthi abalandeli kube yibona ababa nesandla ekufakeni abaculi abazobonakala kulo mcimbi. Kulo nyaka sikhethe ukuthi kube nethimba elizobheka abaculi abahlukene kungakhathalekile ukuthi banezingoma ezingaki. Abazokubheka nje ukuthi sezibukwe kangakanani kuYouTube. Okuyibona baculi abazonandisa yilabo izingoma zabo esezifike zadlula kwisigidi. Sifuna ukukucacisa ukuthi noma umculi enengoma eyodwa noma eziningi uma nje inale nombolo esiyifunayo, uzoba yingxenye yalo nyaka,” kusho uZuma.
Uthe basebenzisa izindlela ezahlukene zokusebenzisa abaculi kulo mcimbi ukuze bakwazi ukuqasha abaculi abahlukene.
Emkhakheni wabaculi abasafika uthe bazosebenzisa indlela yokuthi bavotelwe wumphakathi ukuze basho ukuthi obani abahlanu abafuna babe yingxenye yomcimbi.
“Njengoba sesimemezelile okubalulekile, konke okunye soqhubeka nokukuveza emakhasini ethu ezinkundleni zokuxhumana. Sophinde sihambele izikhungo zemfundo kanjalo namahostela ukuze sivule amathuba omsebenzi kosomabhizinisi. Abaculi abanye abangebona abakamaskandi nabo sobamemezela mhla sesikhipha uhlu oluphelele lwabaculi,” kuchaza yena.
UKhuzani noSbongiseni Mbambo abangabanye babahleli balo mcimbi babonge uthando abantu abalukhombisile ngalo mcimbi, bathembisa ukunyusa izinga unyaka nonyaka njengoba usaqhubeka.
Okunye abahleli balo mcimbi abakuvezile ukuthi sekusele amathikithi angu-80 kuphela kulawa aziwa nge-early bird njengoba kade bavula ukuwadayisa.
Bathe maduze bazomemezela ukuthi amathikithi azoqala ukudayisa nini nazobiza uR250.
Okunye abathe sekuvuliwe ukudayisa kwamatafula ezicukuthwane.