OWAYEYISITOBHA saMaZulu FC, uMusa Mtakwenda, ukholwa wukuthi leli qembu lidinga ukuqasha umqeqeshi onomlando obambekayo wokuwina izindebe ukuze lizozuza elizibekele khona.
NgoMsombuluko ebusuku, AmaZulu akhombe indlela umqeqeshi waseSpain, uPablo Martin nephini lakhe u-Aitor Van Den Brule, abahluleke bancama ukuwabeka ezingeni ebelifunwa ngabaphathi.
UMartin waqashwa wuSuthu ekuqaleni kwesizini edlule esuka kwiSimba SC yaseTanzania, wabekelwa umbandela wokufaka iqembu emqhudelwaneni weCaf. Akukho okungakho afika eMzansi esekuzuzile ngaphandle kwendebe ayiwina neqembu laseKuwait, iQadisha ngo-2020.
Sekuwumlando ukuthi ngaphansi kwakhe Usuthu luqede endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu angu-36, emuva kokuwina imidlalo eyisishiyagalombili kuphela kwi-Betway Premiership. UPablo uxoshwe esahlulwe kuyona yonke imidlalo emithathu yokuqala kwesizini ka-2024/2025.
Ukuchithwa kukaPablo kubuyise izinkulumo zokuthi Usuthu luzokwenyusa uVusumuzi “Kanu” Vilakazi oqeqesha iqembu leDStv Diski Challenge. Umengameli woSuthu, uSandile Zungu, wakuchitha ukuthi umqashele ukucupha ngaye uma kwenzeka exosha uMartin.
UMtakwenda, owayedlala emuva kuMaZulu eminyakeni edlule, uthe kufanele abaphathi bathole umqeqeshi okwaziyo ukuwina izindebe.
“Isipiliyoni sokuwina izindebe sibalulekile kumqeqeshi ukuze ezohlonishwa ngabaphathi nabadlali. Umuntu oseke wawina izindebe, makhulu amathuba okuthi akuwinele indebe. AmaZulu ngelinye lamaqembu amakhulu ngakho kubalulekile ukuthi athole umqeqeshi okwaziyo ukuwina izindebe. Usuthu ludinga umqeqeshi onesigqi,” kusho uMtakwenze.
Okhulumela AmaZulu, uPhilani Ndlela, uthe kungenzeka umqeqeshi amenyezelwe ngesonto elizayo kwazise okwamanje abadlali banikwe ikhefu. Uma kwenzeka abaphathi benyusa uVilakazi, kuzomele bathole umqeqeshi ozovala isikhala eqenjini leDiski. Nokho kusangenzeka ukuthi baphinde bathungathe owaphesheya kwezilwandle.
“Akusho lutho ukuthi umqeqeshi uvela kuliphi ilizwe. Kudingeka ozobaqonda kahle abadlali futhi abe ngakubona, hhayi ngakubaphathi. Uma enza lokho abadlali bazofuna ukumdlalela ngoba uzoba ebathemba. Kodwa uma ewumqeqeshi wabaphathi futhi engabalaleli abadlali, kuzobanzima ukulihlanganisa iqembu. Kuyokwenzeka ukuthi kuvele kufike omunye umqeqeshi awine imidlalo ngabo laba badlali,” kusho uMtakwende.
Umqeqeshi ozoqashwa wuSuthu uzothola isikhathi esanele sokuhlela kahle iqembu lakhe kwazise luyoze libuyele enkundleni ngo-Okthoba 29, selibhekene neChippa United ekhaya.