NAKUBA uNkosingiphile "The Prince" Sibisi echaze abaningi ngesibhakela asitshengise evikela ibhande le-SA Flyweight kuTheo Nxayiphi wase-Eastern Cape kodwa uveze ukuthi ngeke alenze iphutha lokujaha ukulwela elomhlaba.
Kule mpi yosuku emqhudelwaneni obuhlelwe iHle-Jobe Promotions kaHlengiwe Dladla, eDundee, wonke amajaji avumelane ngo-elethu ekutheni kunqobe uSibisi.
Uvikele lesi sicoco okokuqala kulandela ukusiwina ngoMashi eshaya uTrevor Nghonyama waseLimpopo sikade singaphethwe muntu.
Ngaphambi kwempi yaseDundee, kukhona abebethi ngeke alibone elidlalayo kuNxayiphi ngenxa yokuthi lesi sitha sicijwa esitebeleni esanqobisa uZolani " The Last" Born Tete ibhande le-WBO World Bantamweight.
Nokho uSibisi oqeqeshwa uMtuseni Dube noNkosinathi Thusi, akakugqizanga qakala lokho.
Wenze kahle kuyo yonke imizuliswano phezu kokuba ekhoneni lesitha sakhe bekubuye kusize yena uTete. Kusukela ngomzuliswano wesithupha bekubonakala engathi uSibisi uzoqeda noma yinini ngesitha sakhe.
Sisizwe ukuthi besimbamba isikhathi eside. Ngemuva kwempi, uSibisi uthe usizwe wukuhlala elwela ukujabulisa abalandeli nabantu bangakubo eDundee.
"Bekungaba iphutha elikhulu ukubaphoxa ekubeni ngilwela ekhaya. Isitha sami besingeke silunge bekhona. Empeleni singiphoxile, asinginikezanga ubunzima ebengibulindele," kubeka uSibisi.
Sezikhona izinkulumo ezithi okungenani ngonyaka ozayo leli bhokisa kumele lizanyelwe isicoco somhlaba esihlonishwayo. Abaningi balibona lifanelwe ele-IBO. “Kusekuningi okusamele ngikufunde ngalo mdlalo. Isifiso sami ukuthi i-SA Flyweight ngiqale ngiyivikele kane ngaphambi kokuzama ezingeni lo mhlaba. Ngisazohlala phansi nabaphathi bami, sibonisane ngenqubekela phambili".
UHlengiwe ubonge kubantu abebephume ngobuningi ukuzobuka lezi zimpi. Uthe lesi senzo simgqugquzela ukuthi aqhubeke nokuhambisa izimpi eDundee. Ubonge nemeya yaseMzinyathi, uPetros Ngubane, ngokubeseka.
Kuwo lo mqhudelwano kubuye kwakhuphuka ukukhathazeka ngekusasa likaTheo Mhlungu njengoba ephinde waklunyuka ihlombe emzuliswaneni wesithathu empini abezama kuyo ukuphuca uMfanuvele Ntuli wasoLundi ibhande le-KZN Junior Flyweight.