AKALILAHLILE ithemba ngokubizelwa kwiBafana Bafana, unozinti weCape Town City, uDarren Keet, yize ekuqonda ukuthi maningi amathuba okuthi lokhu asakulangazelele kugcine emaphusheni.
UKeet (35) ukusho lokhu izolo, eKapa, esithangamini nabezindaba somdlalo womlenze wokuqala wowandulela owamanqamu weMTN 8 ne-Orlando Pirates ngoLwesibili ngo-7 ebusuku, eCape Town Stadium.
Lo nozinti osevimbele iqembu lesizwe amahlandla angu-13 kusukela ngo-2013 kuya ku-2020, utshele abezindaba ukuthi uyaqonda ukuthi kungani engamubizi, umqeqeshi weBafana uHugo Broos kodwa lokhu akumenzi angaphoxeki njalo uma kumenyezelwa isikwati.
Yize engafihli ukuthi uphinde waphoxeka ngokungaveli kwegama lakhe esikwatini sika-Broos esizodlala ne-Uganda ne-South Sudan ngenyanga ezayo kodwa ukubhekana nePirates bakulungele ngayo yonke indlela.
IBafana izodlala ne-Uganda ne-South Sudan ekhaya nasekuhambeni ngokwahlukana kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba seMorocco ngonyaka ozayo.
Onozinti ababizwe uBroos eqenjini elisazonqanyulwa kukhona uRonwen Williams weMamelodi Sundowns, uBruce Bvuma weKaizer Chiefs, Veli Mothwa waMaZulu noSipho Chaine we-Orlando Pirates.
“Ngabe ngisenga ezimithiyo uma ngithi angisazibhekile kwiBafana ngoba ngiyalithanda iqembu lami lesizwe,” kusho uKeet.
“Ngingayeka izinto eziningi kabi ukuze ngibe kwiBafana yize ngineminyaka engu-35. Ngisaphoxeka namanje uma ngingaliboni igama lami kodwa futhi ayikhulumisi eyokuthi kungani uBroos engangibizi.
“IBafana ngisaphupha ngayo kodwa lokhu kuncike ekutheni ngenze kahle kwi-City ukuze umqeqeshi ezongiqaphela ngoba ekugcineni isinqumo sakhe.
“Iminyaka isavuma ukuthi ngisengadlala kwiBafana kodwa lokhu akufanele ngikusho ngomlomo kepha kufanele ngikukhombise,” kulandisa uKeet.
Lo nozinti owake wadlala phesheya kwezilwandle, uzwakale njengosehluleka ukulinda ukuthi babhekane ne-Pirates.
Ukholelwa ekutheni isikwati esihlanganiswe iCity siqine ngokwanele ukuthi singayiketula iPirates engompetha bangesizini edlule beMTN8.
“Okuhle ngokubhekana namaqembu athathwa njengamakhulu ukuthi asibikhona nesidingo somqeqeshi ngoba singabadlali siwubheke ngabomvu umdlalo.
“Sihlanganise inqanawe yesikwati esiqine ngokwanele ukukhipha iPirates kwi-MTN8. Ukuqala ekhaya kusiphoqa ukuthi singavumeli ukungenelwa igoli, ngesikhathi esifanayo silwele ukuwahlohla.
“Amagama abadlali abasayiniswe iCity ayakucacisa ukuthi asikho isidingo sokuzinyeza kulo mdlalo kepha kuphoqa ukuthi siye kuwona ngenhloso yokuwunqoba.
“Iqiniso ukuthi noma ngabe ubani ophambi kwethu sinalo ithuba lokudlulela kowamanqamu ngenxa yokuqina kwesikwati sethu. Siyilungele ngokwanele iPirates,” kuphetha uKeet.
Komunye umdlalo womlenze wokuqala owandulela owamanqamu uphakathi kweMamelodi Sundowns neStellenbosch FC ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku eLucas Moripe Stadium.