UKUTHOLA amadlelo aluhlaza kwabadlali asebephenduke izilomo zeBafana Bafana kube nomthelela ekutheni kudwebeke isithombe sokuthi uLuke Fleurs, ongasekho emhlabeni, uhambe kungasemnandi phakathi kwakhe neSuperSport United ngonyaka odlule.
Lawa amazwi, kaKaitano Tembo, okunguyena umqeqeshi osayinise uFleurs ngo-2018, kwiSuperSport emuva kokumlandela isikhathi eside esadlala ku-Ubuntu Cape Town.
UFleurs (24) udutshulwe wabulawa ngabasolwa ababili ngesikhathi bemduna imoto esalinde ukuthela uphethroli ngoLwesithathu ebusuku eHoneydew, eGoli.
UTembo ogcine ukubonakala kwiRichards Bay FC, utshele Isolezwe ngoLwesinle emini, ukuthi usashaqekile ngokubulawa kwalo mdlali abesondelene naye.
“Angifisi nokuwubheka umndeni wakwaFleurs kulesi simo esinzima obhekene naso,” kusho uTembo.
Kube sengathi ubudlelwano bukaFleurs neSuperSport buyanyomfeka ngesikhathi eyishiya ejoyina iChiefs ngo-Okthoba, nyakenye.
UTembo ukucacisile nokho ukuthi lokhu akulona iqiniso kepha uFleurs ubenentshisekelo yamadlelo aluhlaza kwazise inqwaba yabadlali abekhula nabo bathathwe yiSundowns yajika ngokushesha impilo yabo.
Ngesikhathi uFluers esayina kwiChiefs wabhala ku-@lukefleurs25 ekhasini lakhe ku-Instagram, wathi: “Amaphupho ayafezeka.”
“Impilo engcono zontanga yakhe, uRonwen (Williams), Tebogo (Mokoena), Aubrey (Modiba), Grant (Kekana) noSipho Mbule, bonke asebekwiMamelodi Sundowns, zimenze wafuna nakakhulu ukuthola amadlelo aluhlaza naye.
“Ngimjabulele ethola inkontileka kwiChiefs kanti nangesikhathi ngigcina ukuhlangana naye ngoDisemba ubejabule umbona nasebusweni ukuthi ulapho ayekade efisa ukubakhona.
“Silahlekelwe uhlobo olungandile lwabadlali basemuva abangaxhamazeli ngisho ngabe sekushube kanjani futhi elingasabi uma lisezinyaweni ibhola.
“Akuzange kusethuse ukungena kwencwadi eyayisazisa ngokuqokwa kwakhe eqenjini lama-Olympics aseTokyo ngo-2020, ngoba sasivele sazi ukuthi izinto ezinkulu zimlindile kunobhutshuzwayo.
“Iso lami ulithathe emidlalweni yeNedbank Cup ayidlalele Ubuntu bahamba ibanga elide ngalowo nyaka sagcina ngokumsayinisa. Ngiphelelwe amazwi ngenxa yokushaqeka,” kuphetha uTembo.
Ngokusho kukaMavela Masondo, okhulumela amaphoyisa aseGauteng kwi-Newzroom Afrika, lesi sigameko esithathe impilo kaFleurs senzeke egalaji likaphethethroli eliku-14th Avenue. Uthe amaphoyisa aphansi phezulu athungatha abasolwa ababili abagcine behambe nayo imoto kaFleurs yohlobo lwe-VW Golf 8 GTI ebomvu.
IChiefs ikuqinisekise ngesitatimende ukudlula emhlabeni kwalo mdlali ofike kuyona ngo-Okthoba, kanti ubengakalitholi ithuba lokuyidlalela njengoba ubengakabi qatha ngokwanele kulandela ukululama ekulamaleni.
NgokukaMasondo, uFleurs ubelinde ukuthelelwa uphethroli ngesikhathi abasolwa ababili abebephethe izibhamu befike kuyena bamphoqa ukuba aphume emotweni.
“Omunye wabasolwa ube esedubula umufi kwesingenhla okulandelwe ukuthi babaleke ngemoto yabo kodwa omunye esehamba ngeyomufi,” kusho uMasondo.
“Umufi uphuthunyiswe esibhedlela esiseduze washona ngesikhathi befika. Bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko,” kuphetha uMasondo. Lo mdlali ushiye emhlabeni abazali bakhe, udadewabo nomfowabo.
Esitatimendeni sayo iChiefs, ikhalisane nomndeni nabangani bakaFleurs yase ikushiyela emaphoyiseni okunye.
“Kubuhlungu ukuqinisekisa ukuthi uLuke Fleurs udutshulwe wabulawa ngesikhahti edunwa imoto eGoli, ngoLwesithathu ebusuku,” siqalwe kanje isitatimende seChiefs.
“Okwamanje imiqondo nemicabango ikhalisana nomndeni nabangani. Udaba selusezandleni zomthetho kodwa eminye imininingwane izolokhu iqhubeka ikhishwa ngezikhathi ezifanele.”
IChiefs ithole uFleurs bhusende ngonyaka odlule kulandela ukuhlukanisa kwakhe isigubhukane neSuperSport.
I-United ibimthole kwi-Ubuntu Cape Town Academy ngo-2017 kodwa ushona nje ubeseke wadlalela ngisho iBafana Bafana kwiCosafa Cup no-U/23 kuma-Olympics. Ngesizini ka-2021/2022, waqokwa njenge-DStv Young Players of the Season esakuMatsatsantsa a Pitori.
Umlando omfushane ngoFleurs:
*Uqale ukugqama ezinkulisa ze-Ubuntu Cape Town, waze wakhushulelewa esikwatini esikhulu ebesidlala esigabeni esingezansi kwesikhulu eNingizimu Afrika.
*Ujoyine iSuperSport United ngo-2018, wayishayela amagoli amabili kwengu-70.
*Ngo-Okthoba ka-2023, ujoyine iChiefs.
*Yize ebengakadlali kodwa ubengomunye wababukwa njengekusasa laMakhosi kwazise ubephiwe nangasekubeni umholi yize ebesemncane.
*Ngaphandle kwezikwati zabaneminyaka emincane, uFleurs uke wadlalela iBafana Bafana kwiCosafa.
*Amagama aphelele: Luke Donn Fleurs
*Usuku lokuzalwa: 03/03/00
*Indawo yokuzalwa: Cape Town
*Usuku lokushona: 03/04/24
*Ubude: 1,85 m
*Unyawo lokudlala: Olwangakwesokudla