ISIMO simanzonzo phakathi kweMamelodi Sundowns, nomqeqeshi uRhulani Mokwena, okuvela ukuthi ufuna ukuwulaxaza umsebenzi ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/2025.
Lishone elayizolo sekusabalele imibiko ethi uMokwena isimume emphinjeni indaba yeSundowns. Kuthiwa ucikwa nguFlemming Berg oyiSporting Director kuleli qembu, osolwa ngokufuna ukuthatha izinqumo yedwa. Phakathi kwalokhu wukuthi ufuna kugcine izwi lakhe ngabadlali abasayiniswa amaBrazillians ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/25.
UBerg, owake waba yinhloli yeChelsea edlala kwi-English Premier League (EPL), ufike eChloorkop ngo-Apreli wango-2022 ezovala isikhala sikaJose Ramon Alexanko waseSpain. Ngalesi sikhathi bekusenguManqoba Mngqithi inhloko yabaqeqeshi. Kukholakala ukuthi nguye owanyusa izimendlela kuMokwena okungakapheli sikhathi esingakanani evuselele inkontileka ngeminyaka emine. Kuthiwa ngesikhathi uMokwena ebuzwa wubuholi beSundowns ukuthi ubona ingaxazululwa kanjani le nkinga, uphendule sakubhuqa wathi kungcono anikwe iholidi lonyaka ukuze adedele uBerg enze emsebenzi ngokukhululeka.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi nangoLwesibili ngesikhathi kuqalwa ukujinywa, uMokwena ubengekho. Ngokusho komthombo noWendell Robinson, ongumqeqeshi wonozinti, ubengekho. Kuthiwa nangoMsombuluko ngesikhathi abadlali bexilongwa odokotela bobabili bebengekho. Kuvela ukuthi kukhona kuphela uManqoba Mngqithi oqale ngoMsombuluko ukusebenza.
ISundowns imatasa nokulungiselela uhambo lwayo lokuyokhempa e-Austria kusukela ngo-Julayi 13.
Umthombo uqhube wathi isimo simuncu eChloorkop. Abasebenzi baphikisana bodwa. Kunabathi uMokwena usehambile, abanye bathi usihlalo uTlhopie Motsepe, usazama ukuxazulula lokhu kungezwani kwakhe noBerg.
Umthombo uveze ukuthi ngaphambi kokuthi abadlali baqale ukujima ngoLwesibili, baqale bavalelana emhlanganweni nosihlalo.
"Akucaci ukuthi kulo mhlangano bekubhungwa ini kodwa bekubonakala ukuthi kuboniswana ngodaba oluthinta uMokwena noBerg. Kubuhlungu ukuthi kubuyelwe emsebenzini isimo sinjena. Asethembe le nkinga izoxazululeka," kubeka umthombo.
Uveze ukuthi ukucikeka kukaMokwena kuqonge kakhulu ngesikhathi ingavuselelwa inkontileka kaBongani "Ben 10" Zungu. Kuthiwa uMokwena ubesafuna ukumgcina lo mdlali kodwa uBerg wagcizelela ukuthi akachithwe.
Umthombo uqhube wathi ngaphakathi eChloorkop, kukhona namahebezi athi uMokwena ubesafuna ukumgcina uGaston Sirino wase-Uruguay, kodwa washaya phansi ngonyawo uBerg. Abanye abachithiwe nguThabiso Kutumela, Brian Onyango noJunior Mendieta wase-Argentina.
Umthombo uqhube wathi empeleni uBerg unyamanambana eningini labasebenzi kwiSundowns. Kuthiwa ukufika kwakhe kushintshe izinto eziningi abangazithandanga abasebenzi
"Vele iningi alimthandi uBerg ngoba wenza izinto ngendlela yakhe. Uthatha izinqumo engazange ezwe uvo lwabasebenzi. Ngikhuluma nawe nje kwehliswe nemali yamabhonasi ejwayelwe ukutholwa uma iqembu linqobe izinkomishi. Asizange sichazelwe ngalolu shintsho," kuqhuba umthombo.
Imizamo yokuthola okhulumela iSundowns, uShupi Nkgadima, ayiphumelelanga.