U-ROMAIN Folz, obengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uphumele obala ngokwenza washiya umsebenzi wakhe kwiFifa, wathatha isikhundla sokuba yiphini likaManqoba Mngqithi eChloorkop, osekuwumlando ukuthi bagcine bexoshiwe khona.
Lo mqeqeshi waseFrance, waqala ukusebenza ngaphansi kwabaqeqeshi abanamava bakwelakubo okubalwa kubona uSebastian Desabre, Corentin Martins, Didier Gomes, noGerard Buscher emaqenjini aphesheya nawase-Afrika, nawesizwe.
Waqala ukuzimela eqenjini laseGhana, i-Ashanti Gold, ngo-2021, wapheka nelaseBotswana, iTownship Rollers, ngaphambi ngokujoyina iMarumo Gallants eMzansi ngo-2022. Emuva kokuhlukana neMarumo, uqashwe ngaMaZulu FC, agcine ehlukane nawo ngo-2023.
UFolz oneziqu ze-UEFA Pro, wayesebenzela inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFifa, ngesikhathi ecelwa nguMngqithi ukuthi azongena ethimbeni labaqeqeshi kwiSundowns ngaphambi kokuqala kwesizini.
“Ngahlangana nomqeqeshi uManqoba ngisanda kufika eNingizimu Afrika, saxoxa ngebhola. Angisakhumbuli kahle ukuthi ingxoxo yahamba kanjani kodwa saqhubeka saxhumana ngemuva kwalokho. Ngokuhamba kwesikhathi sabona ukuthi sibona ngaso linye ezintweni eziningi eziphathelene nomdlalo,” kusho uFolz exoxa ekhasini leSoccerbeat kwiYouTube.
“Ubudlelwano bethu buqhubekile nokukhula, sikwazisa ukusondelana kwethu siphinde sizithokozele nezingxoxo zethu. Kuhlale kumnandi ukukhuluma naye nokuba seduze kwakhe. Ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu. Ngingaqhubeka ngithi ungumuntu olungile okuyinto engiyazisa ngaphezu kokuba ngumqeqeshi ophezulu.
“Ngesikhathi engithinta ngangisahlezi kahle kwiFifa futhi ungijabulisa umsebenzi engangiwenza. Wangichazela ukuthi angakuthokozela ukuthi ngisebenze naye. Yize bese ngizakhele igama njengomqeqeshi kodwa ngake ngaba yiphini phambilini.
“Kungenzeka ukuthi kwabamangaza abanye ukuthi ngikhethe ukuthatha lo msebenzi kodwa akungimangazanga mina. Ngangifuna ukusebenza eduze naye ngoba unolwazi oluningi futhi ngangazi ukuthi nginakho okudingekayo ukuze ngimsize.”
UMngqithi, uFolz nomqeqeshi wonozinti, uWendell Robinson, badedelwe yiSundowns maphakathi noDisemba, yaqasha umqeqeshi omusha, uMiguel Cardoso nethimba lakhe.
USteve Komphela, noKennedy Mweene, nabo abebesebenza ngaphansi kukaMngqithi, bakhona ethimbeni likaCardoso.
UFolz uthe nakuba abantu abaningi bengase badideke ngendlela izinto eziqhutshwa ngayo uma iqembu linabaqeqeshi abaningi, izinto bezicacile ngesikhathi esakwiSundowns.
“Besinabaqeqeshi abaningi kwiSundowns kodwa umsebenzi ubuhlukaniswa ngokwezicelo zomqeqeshi. Ngaleso sikhathi umqeqeshi uManqoba wanginika umsebenzi wokugxila ekulungiseni amasu ethu okuhlasela,” uqhube kanje uFolz.
“Bekufanele sithole izindlela zokugqobhoza amaqembu adlala izitayela ezingafani ukuze sizibeke ethubeni lokushaya amagoli. Abanye abaqeqeshi bebegxile kwezinye izinto ezifana nokumaka, amakhona nama-freekick nokunye.”
UMngqithi osadla endala selokhu ahlukana neSundowns, usanda kuveza ukuthi uma ethola omunye umsebenzi, maningi amathuba okuthi aphinde acele uFolz ukuthi asebenze naye.