UBUSABHEKE lukhulu umndeni womshayisibhakela waKwaZulu-Natal, oshone ngesonto eledlule ngemva kokuquleka eqeda ukuziqeqesha.
USikhumbuzo Ximba (24) waseMevamhlophe, eMpangeni, ushone ngoLwesihlanu olwedlule, esibhedlela eCharlotte Maxeke Hospital, eGoli. Ubelungiselela impi abezolwa kuyona ngoLwesihlanu noLukhuxolo Mabece, kwezihlelelwe yiBoxing5 Promotions eBox Camp Booysens, eGoli.
UXimba uquleke ejimini abevakashile kuyona ngesikhathi eqeda ukungcweka nomunye umshayisibhakela wesigaba sama-amesha, esekhishwa amagilavu. Ubesalwe izimpi ezine esigabeni esikhokhelayo aqale kusona ngo-2020. Uwine eyodwa, wahlulwa kwezintathu.
Umalume wakhe uSabelo Xulu, uthe bashaqekile bewumndeni ngokushona komshana wakhe obesithanda isibhakela. UXulu ushiye indodakazi yakhe eneminyaka emithathu.
“Akawuphasanga umatikuletsheni wakhe. Kodwa ngesikhathi ebuzwa indaba yokuphindela esikoleni, wenqaba. Wathi isibhakela yisona abona emandla kusona futhi ubona sizomfikisa kwelinye izinga. Ubesaziwa izwe lonke. Nathi besisabheke ukuthi aqhubekele phambili. Ubenamaphupho amaningi okubalwa kuwona ukwakha umuzi egameni likanina ongasekho. Ubevele engasenabo abazali,” kuchaza umalume kaXimba.
“Sishaqekile ngendlela okwenzeke ngokushesha ngayo. Nakuba ebekade equlekile kodwa besisabheke ukuthi usazovuka. Ngesikhathi ngiyomubheka esibhedlela, udokotela ungitshele ukuthi igazi lophele ebuchosheni. Uthe abanayo indlela yokukwelapha lokho. Wathi uma esinda, ngeke esabuyela esimeni sakhe. Ngesikhathi sengiyombona ngoLwesihlanu, bengingasamboni ukuthi nguyena ngoba ubengasemhlophe. Ngimbone ngoba sebemkhomba. Akukholakali ukuthi akasekho. Ubesemncane.”
UXulu uveze ukuthi umshana wakhe wenze umsebenzi kanina ngesonto lokugcina ephila.
“Ngempelasonto eyandulela ashone ngayo ubesekhaya eyokwenzela unina umsebenzi futhi ehamba nayo indodakazi yakhe abehlala eyiphethe. Ngicabanga ukuthi ubezovalelisa ngoba bekukhona nabangani bakhe. Uhambe kahle. Indlela yakhe ubeseyibona,” kusho umalume.
USihle Mathenjwa, ongumqeqeshi wesibhakela futhi obekhona ngesikhathi uXimba equleke ngemva kokungcweka ejimi yakhe, uthe akukho obekusolisa ngomshayisibhakela.
“Akukho obekukhombisa ukuthi kukhona okungalungile ngaye ngesikhathi kuqhubeka i-sparring. Bengibhekile naphakathi kwemizuliswano. Uma kwenziwa i-sparring ngiyanakisisa. Uma umshayisibhakela eshayeka kabi, ngiyasimisa. Asikho isidingo sokuqhubeka. Akukhathaleki ukuthi lowo mshayisibhekela ulungiselela impi noma cha,” kusho uMathenjwa.
Mayelana nokuquleka kukaXulu uthe:“I-sparring sihambe kahle futhi ubekhombisa impilo eringini, eyihamba yonke njengoba kujwayelekile kumshayisibhakela osuke elungiselela impi. Ngesikhathi sesiphelile, isparring kube sengathi ufuna ukuhlala phansi, kwaba wukuquleka kwakhe lokho. Ubengasanyakazi, samthatha samphuthumisa emtholampilo eHillbrow, okuyiwona omdlulisele esibhedlela.”
Usuku lokufihlwa kukaXimba alukaqinisekiswa kodwa ngokusho komndeni uzobekwa ngempelasonto ekhaya.