UKAPUTENI weqembu lesizwe labesilisa lekhilikithi, uTemba Bavuma, unethemba lokuthi iqembu lingakwazi ukuthola imiphumela emihle noma linikeza abadlali abasebasha ithuba lokudlala.
AmaProteas azoqala uchungechunge lwemidlalo emithathu ye-One Day International (ODI) ne-Ireland eSheik Zayed Cricket Stadium e-United Arab Emirates, namuhla, ngoLwesithathu ngo-1.30 ntambama.
Azongena kule midlalo ebheke ukuphendula amatafula kulandela ukunqotshwa yi-Afghanistan ngo 2-1 kolwakamuva, nalo oludlalelwe e-UAE ngenyanga edlule.
Kuleyo midlalo umqeqeshi, uRob Walter, wabiza abadlali abafana noJason Smith noNqaba Peter, abebeqala ukudlalela iqembu lesizwe le-ODI, nabanye abasadlale embalwa.
UBavuma uthe nakuba kusemqoka ukuthi baqhubeke nokwenza lokhu kodwa akufanele kubaphazamise ekutholeni imiphumela efanele.
“Imiphumela ibalulekile kakhulu. Ngibone kahle ngesikhathi ngisekhaya ngibukela amaBhokobhoko. Kucishe kube sengathi umhlaba wonke uyama uma kudlala amaBhokobhoko ngenxa yokuthi ayawina. Lokho kwenza kubele lula ukuthi bonke abantu bawaseke,” kusho uBavuma.
“Lokho akusho ukuthi abantu abawaseki amaProteas kodwa ukunqoba imidlalo kuyohlezi kwenza umehluko omkhulu. AmaBhokobhoko ayisibonelo sempumelelo njengamanje, hhayi nje eNingizimu Afrika kuphela kodwa emhlabeni jikelele.
“Kuningi esingakufunda kuwona njengabadlali nabaqeqeshi. Into enkulu ayenzayo wukuthi ayayithola indlela yokunqoba noma izinto zingahambi ngendlela afuna ngayo. Kunaleyo nkolelo yokuthi asengakwazi ukunqoba noma ngabe ezithola kusiphi isimo. Yilokho okufanele sikufunde nathi.
“Kubalulekile ukuthi imiphumela isekele lokhu esizama ukukwenza njengeqembu. Yinto eyaziwa yibona bonke abadlali eqenjeni, abancane nabadala. Abadlali banikwe amathuba ngoba kubhekwa ukuthi bangangena kuphi eqenjini nokuthi bangalima yiphi indima kuma-ODI nakwi-T20.”
Khonamanjalo: Uchungechunge lwemidlalo emibili yamaTest phakathi kweBangladesh namaProteas luzoqhubeka njengoba kuhleliwe.
Le midlalo ibisengcupheni ngenxa yezinxushunxushu ezithinta ezombusazwe eBangladesh kodwa ucwaningo lwezokuphepha luveze ukuthi ingaqhubeka.
AmaProteas azotheleka eDhaka, ngo-Okthoba 16, ngaphambi kwe-Test yokuqala ngo-Okthoba 21 kuya ku-25.