KUQHILIKA izihlathi kwabeTS Galaxy ngenxa yokululama ngokushesha kukaBernard Parker (37) okuzamazame yonke iNingizimu Afrika elimala ngesihluku nyakenye.
Lesi sikhwishikhwishi saphuka phoqo umlenze wesinxele sidlaliswa kabi nguBongani "Ben 10" Zungu weMamelodi Sundowns koweCarling Knockout. Iningi lalizitshela ukuthi sekuphelile ngaye. Lalikusho lokhu ngenxa yokuhanjelwa yiminyaka kwaso.
UParker, odlale kwiKaizer Chiefs, wakuveza kuleli phephandaba ukuthi ngesikhathi ephuka okwafika kuqala emqondweni wakhe ukuthi ngeke aphinde alidlale ibhola.
Ekuqaleni kwekhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon), iGalaxy ilibhekise eTurkey ukuyozilungiselela umlenze wesibili weDStv Premiership. Emdlalweni wokuqala ishaywe iDebrecen yaseHungary ngo-3-2, kowesibili yabhaxabula iChornomorets Odesa yase-Ukraine, ngo-4-0. Kowesithathu bashaye iNS Mura yaseSlovenia ngo-5-1. Kowokugcina iGalaxy ishaywe iBohemians yasePrague ngo 4-3.
UTim Sukazi ongusihlalo weGalaxy, utshele Isolezwe ukuthi bebehambe naye uParker. Uthe okubajabulisa kakhulu wukuthi useyakwazi ukukhahlela ngonyawo olusemlenzeni abephuke kuwona.
"Ifana nomlingo lento eyenzeka kuParker. Besingakulindele lokhu kululama ngokushesha. Usekwazi ukukhahlela nangalolu nyawo aphuka kulona. Lokhu sikubone eTurkey. Ngendlela izinto eziyiyo, imidlalo emihlanu noma emine yokugcina yeligi uzoyidlala," kubeka uSukazi.
UParker walimala esadlale eyisishiyagalombili yeDStv Premiership nowodwa weCarling Knockout. USukazi uveze ukuthi kule sizini bafuna ukuqeda kwi-top 8.
IGalaxy, ecijwa uSead Ramovic, iye ekhefini le-Afcon ishaye kulandelana iLamontville Golden Arrows neChippa United. Womabili la maqembu iwashaye ngo-2-0. Isendaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu awu-21 emidlalweni ewu-15. NgoLwesibili izobhekana neKaizer Chiefs, ngo-7.30 ebusuku, ePeter Mokaba Stadium. USukazi uthe kumele bawunqobe noma kanjani lo mdlalo.
"Ngesizini ka-2021/22 asenzanga kahle njengoba saqeda endaweni yesi-13. Ngesikhathi kuqala edlule sasizitshelile ukuthi sifuna ukwenza kangcono. Sigcine siqede kweyeshumi. Nakwephezulu sifuna ukwenyusa amasokisi. Sizolwela ukuqeda kwi-top 8. ETurkey sifunde izinto eziningi ezizosisiza ukufeza lokho," kuqhuba uSukaz,i oveze ukuthi eTurkey bafunde nezinye izinto ngokuphathwa kwamaqembu.
Emlenzeni wokuqala iGalaxy idlule ngo-1-0.