XOLILE MPISANE
LIBONA singekho isidingo sokudumala yize bengeke besakwazi ukunqoba uchungechunge lwemidlalo emithathu neJamaica, iphini lomqeqeshi weqembu lesizwe le-netball, uZanele Mdodana.
IJamaica iyinqobe yombili imidlalo yokuvula yeMargaret Beckford Sunshine Series, okusho ukuthi isiluthathile lolu chungechunge.
Iguqise elakuleli ngo 55-47 kowokuvula eNational Indoor Sports Centre ngeSonto ekuseni, yaliphinda ngo 59-47 kowesibili ngoLwesine ekuseni.
UMdodana uthe uwubonile umehluko kule midlalo yomibili futhi usalindele okungcono uma sebedlala owokugcina kusasa ngo-1 ezintathakusa.
“Bekunzima, kodwa okumangazayo wukuthi ngibona sengathi senze kangcono kunalokhu esikwenze emdlalweni wokuqala. Ngibone iqembu linomdlandla futhi ligxile emdlalweni,” kusho uMdodana.
“Kumele sikuqonde ukuthi sidlala neqembu elikleliswe endaweni yesithathu emhlabeni, elinesipiliyoni. Sifuna abadlali bethu bezwe ukuthi yini edingekayo ukuze baqhudelane namaqembu aphezulu emhlabeni.
“Uma sidlala kakhulu nalawa maqembu sizothuthuka. Sizofunda ukumelana nengcindezi. Ngeneme ngeqembu futhi siyazazi izindawo okusamele sibe ngcono kuzona ukuze kwehle igebe.”
Khonamanjalo: Iqembu lika-Under 21, iBaby Proteas, lilunqobile uchungechunge eliludlala nelaseJamaica lika-Under-21 ngokuthatha umdlalo wesibili ngo-49-32. Leli qembu eliphekwa nguPrecious Mthembu belinqobe owokuqala ngo 61-31.
Lisebenzisa lolu chungechunge ukulungiselela iNdebe yoMhlaba ka-Under 21 ezodlalelwa eGibraltar, ngoSepthemba. UMthembu ukholwa wukuthi kusafanele baqhubeke nokukhuphula izinga kowokugcina ozodlalwa ngo-10 kusihlwa.
“Kusenezinto okumele sithuthuke kuzona, ikakhulukazi uma sihlasela. Sithwale kanzima emdlalweni wesibili ngendlela umdlalo obuphethwe ngayo ngenxa yokuthi bese kudlalisa abanye onompempe,” kusho uMthembu.
“Kufanele sisheshe siqaphele ukuthi onompempe abathile bawuphatha kanjani umdlalo kodwa yingakho silapha, ukuze sifundise amantombazane izinto ezinjalo.
“Ngaphandle kwalokho, ngijabule ngendlela iqembu elidlale ngayo. Lisebenza kanzima uma liziqeqesha futhi siyaqinisekisa ukuthi liphumula ngokwanele. Sifuna ukubanika amathuba bonke abadlali, babuyele ekhaya sebefunde lukhulu,” kuphetha yena.