INTAKA ibekelwe amazolo kubathandi bakanobhutshuzwayo womhlaba njengoba i-Euro ka-2024 isingena kuvuthondaba lwe-last 16 kodwa njengenjwayelo lokhu kuhamba nokukhala nokugedla kwamazinyo kwezinye zezihlabani ezingaconsi phansi kubathandi bebhola.
Okucace ngemidlalo yamaqoqo yalo mqhudelwano ukuthi amazwe amaningi abethishwe ukuba azidlele amahlanga abedonsa kanzima.
Imbangela enkulu yalokhu ukukhula ngesivinini kwamazwe abethathwa njengamancane eminyakeni edlule njenge-Austria egcina idla iqoqo obekukhona kulona osokhaya, iGermany.
Akuyona i-Austria kuphela ethusile kulo mqhudelwano kodwa amazwe afana neGeorgia, edlala i-Euro yayo yokuqala emlandweni, akhombisile ukuthi akuwona umqondo omuhle ukuwezela ngobuso.
Namazwe ahlanganisa iRomania, Slovania, Slovakia, Turkey neDenmark akucacisile kweyamaqoqo ukuthi noma ubani azobhekana naye kwi-last 16 kufanele azibambe ziqine.
I-Italy, evikela isicoco, idinge igoli ngomzuzu wesishiyagalombili kweyengezwe unondweba ukuze ithole igoli eliyibeke kwi-last 16.
Izinkunzi zase-Europe ezihlanganisa oBelgium, England, Netherlands, Germany neFrance ukukha phezulu zidlulele emzuliswaneni olandelayo ngengcacamezela okwenza zibhekwe nakakhulu kweye-last 16 kwazise kukhona abazohlangana ngoMsombuluko.
Umdlalo we-last 16 phakathi kweFrance neBelgium akulula ukuwuziba kwazise womabili la mazwe angomakhelwane afike eGermany esesigqokweni samaphanta njengamazwe abethishwe ukulihamba lonke ibanga.
Ukubhekana kwawo kwi-last 16 kuqinisekisa ukuthi nakanjani phakathi kukaKylian Mbappe noKevin De Bruyne, kukhona ozowasha ijezi kubona.
Elinye lamazwe okuqale umqhudelwano lithwelwe ngeqoma yi-England. Inqobile iqoqo kodwa ngokwabalandeli bayo, ibhola elidlalile alishayi khona.
Okungeke kwaphikiswa ukuthi wonke amazwe angu-16 asele kwi-Euro akuqonda kahle ukuthi sekuyisikhathi sokuwasha ijezi uma uzithambisa ngakho-ke kungenzeka nabadlali abakhulu emhlabeni bavuke emaqandeni.
Kuze kube yimanje bonke abadlali okuqale umqhudelwano kubhekwe lukhulu kubona basathule yize likhona idlanzana elizamile ukugqama kweyamaqoqo kodwa nakhona kwaphinde kwashabalala.
Isiyonke imidlalo ye-last 16 eqala namuhla ezinkundleni ezahlukene imi kanje:
Namuhla Ngo-6pm: Switzerland vs Italy
Ngo-9pm: Germany vs Denmark
Kusasa Ngo-6pm: England vs Slovakia
Ngo-9pm: Spain vs Georgia
NgoMsombuluko Ngo-6pm: France vs Belgium
Ngo-9pm: Portugal vs Slovenia
NgoLwesibili Ngo-6pm: Romania vs Netherlands
Ngo-9pm: Austria vs Turkey