Richards Bay FC (0) 1
Supersport United (2) 3
ISUPERSPORT United idlulele kuma-quarterfinal eNedbank Cup ibhaxabulela ekhaya iRichards Bay FC emdlalweni weLast 32, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ntambama.
ISupersport ithole igoli zibekwa ngomzuzu wesithupha ngebhumbulu ye-free kick eshaywe uShandre Campbell ngaphandle kwebhokisi kukade kudlaliswe kabi uGrant Margeman nguTercious Malepe.
Isitobha seSuperSport, u-Onismor Bhasera, ucishe wangenisa amanzi endlini ngomzuzu ka-35 ethi uzama ukuchiliza ngekhanda ibhola ebelishaywe uThulani Hlatshwayo esusa umhlola ekhaya.
Akuphelanga mizuzu mingaki iRichards Bay yathola iphenathi ngesikhathi uSomila Ntsundwana ewiswa ngu-Ime Okon ngaphakathi ebhokisini, unompempe u-Abongile Tom walikhomba emlotheni.
Nokho uJustice Figareido wehlulekile ukuyivalela phakathi iphenathi ngomzuzu ka-41 egezwa ngunozinti weSuperSport, uRicardo Goss.
Nokho ukudembesela kodonga lwasemuva lweRichards Bay kuholele ekutholeni igoli lesibili kweSupersport ngemuva kwebhola ebeligotshwe nguSiphesihle Ndlovu lachwitha ekhanda uGhampani Lungu, lawela onyaweni lukaCampbell walibhajiswa ezintanjeni ngomzuzu ka-44.
Zibuya nje ekhefini umqeqeshi weRichards Bay, uVusumuzi Vilakazi, wenze izinguquko ezine ngesikhathi esisodwa efaka uMoses Mthembu endaweni kaMalepe esiswini, uSibusiso Mthethwa endaweni kaThabani Dube emuva, uLangelihle Mhlongo endaweni kaFiguariedo esiswini, noYamela Mbuthuma endaweni kaNtsundwana phambili.
Lezi zinguquko zibukeke ziwenza umehluko njengoba iBay ibisihlasela kakhudlwana futhi seyidlala kangcono esiswini, nasemuva isikhombisa uzinzo.
USimphiwe Mcineka ucishe walingqomfela phakathi ngekhanda kodwa ibhola lakhe lashaya ipali ngomzuzu ka-68 ngemuva kwe-free kick ebishaywe uSanele Barns.
IBay igcine ilitholile elokubika ekhaya elivalelwe phakathi uMthethwa eqedela ibhola kade kuyi-free kick ebishaywe nguSanele Barns.
Empeleni ibisikhombisa ukuba yiqembu elingcono ngasekupheleni komdlalo futhi ibingalithola igoli lokulinganisa ukuba amathuba iwasebenzise ngendlela.
Kodwa iphinde yayilahla ekugcineni udonga lwayo lukade lukhuphukele ukuyongqofa ikhona kanye nonozinti uSalim Magoola. Ibhola lichithwe yiSuperSport, lawela kuLungu ogcine evalela phakathi elesithathu ngomzuu ka-96. Ngokwehlula iBay, iSuperSport ibuyise izinduku kwazise leli qembu lisanda kuyithela isibhaxu koweligi emasontweni adlule.
Ngesizini edlule, aMatsatsantsa A Pitori aphume ekuseni kwiNedbank ekhishwa yiDondol Stars kwi-Last 32. Ukwedlulela kwawo kuma-quarterfinal kubuyisa ithemba ngokulwela isicoco salo mqhudelwano.
Ukuphuma kweRich Boyz kwiNedbank kusho ukugxila kwayo ngokuphelele empini yokuvika izembe kwiDStv Premiership njengoba isendaweni ka-15 kwi-log.
Izobuyela enkundleni ngomdlalo omqoka wabakhaya neLamontville Golden Arrows ngoMashi 31, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.