Sekuphinde kwagadla ukufa endimeni yesibhakela eNingizimu Afrika kudlula emhlabeni umshayisibhakela, uSikhumbuzo Ximba, oquleke emuva kokuziqeqesha elungiselela impi.
UXimba waseMevamhlophe, eMpangeni, ushonele esibhedlela iJohannesburg Hospital izolo ntambama. Ubephuthunyiswe esibhedlela ngoLwesine ebusuku emuva kokuquleka eqeda ukungcweka imizuliswano emine. UXimba, obezinze eGoli, ubezicijela ukubhekana noLukhuxolo Mabece ngoLwesihlanu ezimpini ezihlelwe yiBoxing5 Promotions ezizoba seBox Camp Booyses, eGoli. Ugcine ukungena eringini ngesikhathi ehlulwa ngomngqimuzo womlalisa phansi ngomzuliswano wesithathu nguSiyabulela Hem ePolokwane ngoJuni nyakenye.
UXimba uvelelwe yilo mshophi evakashe kwenye ijimu nozakwabo. Umqeqeshi wakhe, uSamson Ndlovu, uthe ubengazi ukuthi abashayisibhakela bakhe bayongcweka kwenye ijimu.
“Kubuhlungu okwenzekile kodwa ngeke ngibagxeke kakhulu abafana ngokuthi bahambe bengangitshelanga. Ngitshelwe ukuthi uquleke eseyiqedile imzuliswano emine ye-sparring. Kodwa waquleka ngesikhathi sebemkhipha amagilavu. Uphuthunyiswe esibhedlela eHillbrow, wadluliselwa esibhedlela iJohannesburg Hospital okuyilapho eshonele khona izolo ntambama,” kusho uNdlovu.
“Ngiyaqala ukulinyalelwa yibhokisa. Ngihlala ngisho ukuthi angifuni ibhokisa lami lenze i-sparring ngingekho. Ukulijimisa anginankinga nakho. Ngesikhathi ngibajimisa ngoLwesithathu, ubengenalutho. Bengibagijimisa, benyuka intaba ngoba besifaka umoya. Ubashiye bonke. Ubengumuntu wamancoko.”
UXimba ubesalwe izimpi ezine esigabeni esikhokhelayo. Uwine eyodwa, wahlulwa kwezintathu.
Udlula emhlabeni nje, kusaphele amasonto kushone omunye umshayisibhakela waKwaZulu-Natal, uMamelo “Slow Poison” Sithole.