KUSENZIMA ukukholwa ngokuphelele ukuthi selifezekile iphupho lakhe lokungena eqenjini lesizwe lekhilikithi umshwibi wakuleli osemncane, uNqaba Peter.
Lo mshwibi (21) ufakwe esikwatini samaProteas esizodlala imidlalo emithathu yeT20 ekuhambeni neWest Indies kusukela ngoMeyi 23 kuya kuMeyi 26.
Waqala ukumela izwe ngesikhathi efakwa eqenjini lalabo abasuke sebengqongqoza kwelikhulu, elaziwa nge-SA Emerging ngo-Agasti nyakenye ngesikhathi lidlala neZimbabwe.
Uthe akakholwanga ngesikhathi ethola ucingo olwaluvela kumqeqeshi wamaProteas, uRob Walter emtshela ukuthi ubizwe kumaProteas.
“Ngangilungiselela ukulala lapho ngihlala khona eGoli ngesikhathi ngithintwa umqeqeshi ngocingo engitshela ukuthi angiqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla futhi sengiyingxenye yeqembu lesizwe.
“Namanje angikakholwa kahle kodwa ngiyazama ukuthi kuzinze emqondweni wami. Ngijabule kakhulu ngokuthola leli thuba. Ngiyaziqhenya ngami futhi ngiyawabonga amathuba engiwatholile ngaze ngafinyelela lapha.
“Umuntu wokuqala engamtshela umama, yize ngaqale ngamfihlela ukuthi sizoya phesheya eWest Indies ngoba ngiyamazi ukuthi ungumuntu osheshe afikelwe ngumunyu,” kusho uPeter.
UPeter wazalelwa, wakhulela e-East London, e-Eastern Cape. Wafunda kuleli dolobha eGeorge Randall Primary naseHudson Park High School, lapho agcina khona esehola iqembu elikhulu ngesikhathi enza u-matric ngo-2020.
Ngonyaka olandelayo wangena ngaphansi kweBorder Cricket, wadlalela iqembu lakhona i-Eastern Cape Inyathi emiqhudelwaneni yeCricket South Africa.
Uthathwe yiLions yaseGoli nyakenye, wadlalela i-Old Edwardians Cricket Club ezingeni lamaqembu.
Ube yingxenye yomqhudelwano weT20 wakuleli omkhulu, iSA 20 lapho edlalele khona iPaarl Royals ngasekuqaleni konyaka.
Ugqame kakhulu komunye weT20 osanda kusongwa, iCSA T20 Challenge, lapho ehambe khona phambili ngokuthatha amawikhethi angu-21, wasiza iLions ukuba ngompetha.
“Ngangishwiba ngesivinini esiphakathi nendawo ngisaqala ukudlala ikhilikithi, ngashintsha sengineminyaka engu-11.
“Ngangithi ngiyazidlalela ngaphambi kokuthi siqale ukuzilolonga kanti umqeqeshi uyangibona, wathi angizame ukushwiba ngendlela efanayo ngempelasonto (uma sebedlala), angibange ngisayeka kusukela lapho,” uchaze kanje.
“Ukudlalela amaProteas kwakuyiphupho lami ngisho ngisemncane kodwa ngangingacabangi ukuthi izinto zizoshesha kangaka, ngigcine sengidlala nabadlali engikhule ngibukela kubona. Ngiyethemba ukuthi kukhona okuhle engizofika nakho.
“Bekungalukhuni ukujwayela ekhempini ngoba kunenqwaba yozakwethu abaqhamuka kwiLions, abanye abadlali sengike ngabhekana nabo enkundleni. Bonke bayangikhuthaza futhi bangitshela ukuthi angiqhubeke ngoba ngiza kahle. Lokho kusho lukhulu kimina,” esho.
Leli qembu lamaProteas elizobhekana neWest Indies lihlanganise abadlali abakhona kwelizodlala eNdebeni yoMhlaba yeT20 ezoqala ngenyanga ezayo e-West Indies nase-United States.
Kufakwe nabangekho kulelo qembu njengoPeter, njengoba kunabanaye abadlali abasabambeke kwi-Indian Premier League ezosongwa ngoMeyi 26.